
IKwaMashu ibe nomlando obalulekile ngokwethulwa ngokusemthethweni kwesikhungo iRexona Safe-Hub ngoLwesithathu, mhla zingama-27 kuMeyi.
Lesi sikhungo esisha somphakathi sizogxila ekuthuthukiseni intsha nasekuletheni ushintsho oluzohlala isikhathi eside emphakathini.
Lesi sikhungo siwumphumela wobambiswano phakathi kukaMasipala weTheku, iSafe-Hub kanye neRexona, bonke abahlangene ngenhloso yokunika amandla intsha nokutshala imali ekukhuleni okusimeme komphakathi.
IDolobha kanye nabalingani balo batshale imali elinganiselwa ku-R88 million ekwakheni lesi sikhungo esisezingeni lomhlaba.
UMasipala weTheku ubambe iqhaza elikhulu ekufezeni lo msebenzi ngokuhlinzeka ngomhlaba, ingqalasizinda kanye nokweseka okuqhubekayo kwezidingo zomphakathi nezinsiza.
Lokhu kuthuthukiswa kukhombisa ukuqhubeka kokutshalwa kwezimali kweDolobha eKwaMashu kanye nokukholelwa kwalo emandleni entsha yakule ndawo.
IRexona ijoyine njengomtshalizimali oqavile, isekela indlela yeSafe-Hub eyaziwa emhlabeni wonke egxile ekuthuthukiseni umphakathi isikhathi eside kunokungenelela kwesikhashana.
Le ndlela iqinisekisa ukuthi intsha ithola amathuba, ukwesekwa kanye nezinsiza ezidingekayo ukuze iphumelele.
UMqondisi Ophethe weSafe-Hub, uFlorian Zech, ugcizelele ukubaluleka kwalolu hlelo, eveza ukuthi iKwaMashu imele uhlobo lomphakathi lapho iSafe-Hub ingakwazi khona ukwenza umehluko ozohlala isikhathi eside.
Uveze ukuthi lesi sikhungo esisha sizohlinzeka ngendawo edingeka kakhulu ukuze intsha ivule amathalente ayo futhi ilandele amathuba ebingeke iwafinyelele phambilini.
IRexona, ngokusebenzisa i-Unilever Southern Africa, iphinde yaqinisekisa ukuzibophezela kwayo ekuletheni ushintsho oluhle emphakathini.
IMenenja Jikelele, uStefan Cloete, ithe umgomo walolu hlobo lomkhiqizo usekelwe ekukhuthazeni ukunyakaza nentuthuko, yengeza ngokuthi iKwaMashu imele umphakathi lapho lokho kungaguqula khona izimpilo zabantu.
USihlalo weKomidi LezokuThuthukiswa KoMnotho noHlelo, uKhansela Thembo Ntuli, ugcizelele ukuzibophezela kweDolobha isikhathi eside kule ndawo.
Uchaze iSafe-Hub njengobufakazi obuphilayo balokho kuzibophezela, indawo lapho intsha ingafunda khona, ikhule futhi yakhe ikusasa elingcono.
Indlela esebenza ngayo iSafe-Hub yakhelwe ukudala izindawo zokubambisana ezibhekana nezinselelo ezibanzi ezibhekene nemiphakathi eyake yacindezelwa.
Le ndlela eyakhiwe futhi yaqinisekiswa ukusebenza kwayo eNingizimu Afrika igxile ekuqedeni umjikelezo wobumpofu obudluliselwa ezizukulwaneni ngezinhlelo eziqhubekayo ezisekelwe emphakathini kunokuba kube izinhlelo zesikhashana.
Ngaphandle komthelela osheshayo, iKwaMashu Safe-Hub iyingxenye yombono omkhulu wokwakha izindawo zomphakathi eziphumelelayo ezikhiqiza amathuba omnotho endawo.
Lokhu kubandakanya ukudala amathuba emisebenzi, ukweseka amabhizinisi kanye nokuqinisekisa ukuthi intuthuko ihlala igxile emphakathini uqobo.
Lokhu kwethulwa kuphawula ukuqala kwesahluko esisha eKwaMashu, esichazwa ukubambisana, amathuba kanye nokuzibophezela okuhlangene ekunikezeni amandla isizukulwane esilandelayo.

