IMeya u-Xaba uzibophezele ukusheshisa ukulethwa kwezidingo zomphakathi ezindaweni eziseNingizimu yeTheku

IMeya yeTheku ukhansela uCyril Xaba ekhuluma phambi kwamalunga omphakathi obuthamele umhlangano wokubonisana nge IDP/Budget-ISITHOMBE-sithunyelwe

SHEILA MHLONGO

Izakhamuzi ezihlala ezingxenyeni eziseningizimu kuMasipala weTheku zithole ithuba lokuveza imibono yazo ngesikhathi somhlangano wokubonisana nge-IDP/Isabelomali sika-2026/27 obubanjelwe e-uMnini Sports Ground mhla zingu-6 kuNhlaba.

Izakhamuzi ezivela kuma-ward 67, 76, 89, 90, 93, 94, 95, 96, 97, 98, 99, 100 kanye no-109 bezihambele lo mhlangano wokubonisana nge-IDP/Isabelomali ukuze zizwe ngezinhlelo zokulethwa kwezidingo zomphakathi ezihlelelwe uMasipala kanye nesabelomali esiphakanyisiwe esingu-R74.7 billion.

IMeya yoMasipala weTheku, uKhansela Cyril Xaba, ithe uMkhandlu unezinhlelo zokweseka izakhamuzi ngenxa yesimo somnotho esinzima esikhona njengamanje.

“Imizi yokuhlala enenani elingafika ku-R350 000 ngeke ikhokhe intela yezindlu. Kuzophinde kube nesibonelelo esizotholakala ngokufaka isicelo kubo bonke abanikazi bezindlu abahola imali engenayo yasekhaya engu-R7 000 noma ngaphansi kanye nalabo abanemizi enenani eliphakathi kuka-R350 000 no-R750 000,” kusho iMeya uXaba.

Uqhube wathi amalitha amanzi okuqala ayisithupha azokhokhelwa uMasipala ezindlini ezinenani elingaphansi kuka-R350 000.

Imizi yokuhlala enenani elingafika ku-R350 000 nayo ngeke ikhokhe imali yokuthuthwa kukadoti wasezindlini.

Izakhamuzi ezihlala ezindaweni zasemakhaya, emijondolo kanye nasezindaweni ezingafinyelelwa kalula yizimoto ezithwala udoti nazo zizohlomula ngokuthuthwa kukadoti mahhala.

Nazi ezinye zezinhlelo ezinkulu zokulethwa kwezidingo zomphakathi ezizokwenziwa kula ma-ward:

  • Ku-Ward 89 kuzolungiswa umgwaqo osuka othulini ufakwe itiyela ngemali engu-R9 million.
  • Ku-Ward 90 kuzokwakhiwa kabusha isiteshi sikagesi ngemali engu-R70 million.
  • Ku-Ward 95 kuzokwakhiwa izindlu ngemali engu-R1.2 million.
  • Ku-Ward 98 indawo yokulahla udoti yase-Ilovu inikezwe isabelomali esingu-R36.1 million.
  • Ku-Ward 105 kuzokwenziwa amaphrojekthi amathathu amanzi abiza u-R12 million.

IMeya uXaba ithe uMasipala uzobhekana nazo zonke izikhalo ezivela emphakathini.

“Sizosebenza kanzima ukuqeda amakamu esikhashana okuhlala kuwo abantu eDolobheni. Sizophendula izikhalo eziphathelene nokulethwa kwezidingo zomphakathi futhi sisebenzise amaphrojekthi ahlobene namanzi, ukuvulwa kwemisele evalekile, ukwakhiwa kwezindlu kanye nokuphathwa kukadoti,” kusho iMeya uXaba.

Uthe uMasipala usebenza ngokuzikhandla ukudala amathuba emisebenzi ngamathuba okutshalwa kwezimali adalwayo.

“Siheha amabhizinisi ukuthi atshale izigidigidi zamarandi eDolobheni ngenhloso yokwandisa imali engenayo ezobuyiselwa ekulethweni kwezidingo zomphakathi,” kusho iMeya uXaba.

Uhlaka lwe-IDP/Isabelomali luyatholakala kuwebhusayithi yeDolobha ethi www.durban.gov.za kanti imibono ingathunyelwa ku-comments2021@durban.gov.za

KUPHELA

Kukhishwe uMnyango Wezokumaketha Nezokuxhumana woMasipala weTheku.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *