UMasipala weTheku uyilungu eliqavile le-C40 Cities Climate Leadership Group oluhlanganisa ubambiswano lwamadolobha awu -97 azibophezele ekulweni noguquguquko lwesimo sezulu.
UMasipala weTheku usaqhubeka nokuzibophezela okungaguquki ekudambiseni ukuguquguquka kwesimo sezulu. Kamuva nje usandakuthola iphuzu “A” ngokukwazi ukumelana nomthelela wokuguquka kwesimo sezulu kanye nokulungiselela izinhlekelele zemvelo ngohlelo lweCarbon Disclosure Project (CDP), olumayelana nokuuqapha izinyathelo zokudambisa nezokukwazi ukumelana nokuguquka kwesimo sezulu kuwo wonke amadolobha e-C40.
Ngokwe –CD.
Izinhlangano ukuze zithole iphuzu eliphezulu u-“A” kufanele zibonise ubuholi kwezemvelo, zidalule izinyathelo zokubhekana nokushintsha kwesimo sezulu. Kumele zibonise ukusebenza okuhle ngokwamasu nangezenzo, okuhlanganisa ukubeka izinhloso okumele zizuzwe ezesekelwe yisayensi ukuze kwakhiwe uhlelo lokuguquka kwesimo sezulu.
USean O’ Donoghue oyiMenenja yeClimate Change Adaptation uthe “ Iphuzu eliwu –A leTheku likhombisa ukuthi siyabhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu, ikakhulukazi ukulungiselela imithelela efana nezikhukhula, ukushisa nokukhuphuka kwamazinga olwandle.
Lokhu kubandakanya izinyathelo ezifana nokuqalwa kohlelo iTransformative River Management, okuhloswe ngakho ukuqhuba umsebenzi wokunakekelwa kwemifula emphakathini kuyo yonke imifula ewu-7 300km kuMaspala.”
Kanti ngokususa izihlahla zokufika eziyingozi kanye noplastiki abaminyanisa imigudu yamanzi, umonakalo omkhulu wezikhukhula ungagwemeka.
Umbiko uyaqinisekisa ukuthi uMasipalaweTheku usuphothulile ukuhlola ubungozi besimo sezulu nengcuphe, uhlelo lokumelana nokuguquka kwesimo sezulu kanye nokunciphisa umthelela waso, uhlu oluqinisekisiwe lwesisi esingcolisa umoya, futhi usuzibekele imigomo yokumelana nokuguquka kwesimo sezulu kanye nemigomo yokunciphisa umthelela waso.
U-O` Donoghue uthi imiqulu emibili esemqoka yesimo sezulu, iDurban Climate Change (DCC) Strategy kanye ne Cimate Action Plan , iyona ecacisa ngezindlela uMasipala okumele ubhekane ngazo nale nkinga.