USihlalo weSALGA usenxuse oMasipala bavikele amakhansela asengcupheni yokusocongwa

SHEILA MHLONGO

USihlalo weSouth African Local Government Association (SALGA) ukhansela uThami Ntuli usenxuse oMasipala bakwaZulu-Natali ukuthi baphuthumise imizamo yokuvikela amakhasela asuke esengcupheni yokusocongwa. Lokhu kuza ngemuva kokuthi ngoLwesihlanu lomhlaka 25 Agasti kudutshulwe kwabulawa obeyikhansela laku wards 41 uMabhungu Mkhize obemele iqembu leANC.

Continue reading

UMasipala weTheku ngokubambisana ne PRASA basemkhankasweni wokuhlanza idolobha

UMasipala weTheku ngokubambisana ne Passenger Rail Agency of South Africa (PRASA) basemkhankasweni wokuhlanza idolobha, lokhu kuza emuva kokuthi iminyango ehlukene ngaphansi kukaMasipala weTheku okubalwa phakathi kwayo iTRUMP Area-Based Management, Cleansing and Solid Waste Unit kanye neMetro Police, ithathe isinqumo sokuthi igasele emzileni wesitimela

Continue reading

OweAzanian Youth In Action uthi izinhlangano zepolitiki ziyefana zonke zizicabangela zona

U LINDA VILAKAZI  ophethe i AZANIA YOUTH IN ACTION ukubeke kwacaca ukuthi i AZANIA akuyona i politiki kodwa inhlangano eyavulelwa abantu abamnyama  ukuze behlangane belwele izwe labo.Kuningi okwenzakalayo kulelizwe  okuhlangene  kanye nokungahlangene nabantu abamnyama. I AZANIA ithi ayiziboni ingena kwezepolitiki ngoba ipolitiki iyona emosha abantu ezweni labo.

Continue reading