SHEILA MHLONGO
IMeya yeTheku ukhansela Mxolisi Kaunda ivule ngokusemthethweni umtapo wolwazi eTshelimnyamana, eMarrianhill, odle isamba semali esibalelwa ngaphezu kuka R25 million wamarandi. Lomtapo wolwazi uvulwe ngoLwesine lomhlaka 3 Agasti.
Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithi, ukuvulwa kwalo mtapo wolwazi kuzodlala enkulu indima ekubhekeleleni izidingo zomphakathi kanye nabafundi kule ndawo. Lo mtapo wolwazi ugabe ngezinsiza ezahlukahlukene zokuhlomisa umphakathi ngolwazi nokuthuthukisa izinga lokufunda emphakathini.
Kanti nomphakathi wendawo ukujabulele kakhulu ukuvulwa kwalomtapo wolwazi ngenxa yokuthi usuzokwazi ukuthola ulwazi kanti nabantwana besikole nabo sebezokwazi ukuthola izincwadi kanye nendawo yokwenza umsebenzi wesikole.
Isitatimende siqhuba sithu iMeya uKaunda akagcinanga ngokuvula umtapo wolwazi kodwa uphinde wadlulisela nehholo lomphakathi.
Ukuba khona kwalomtapo wolwazi kusize ukuvula amathuba omsebenzi emphakathini wendawo ngesikhathi kuqhubeka ukwakhiwa kwawo kanye nangesikhathi usuphothuliwe njengoba manje uqashe abasebenzi ababalelwa ku -7, sebebonke kuhlanganisa nomphathi wayo.
IMeya uKaunda, izwakalise ukuthi lomtapo wolwazi ufakelwe ne generator, okusho ukuthi angeke uphazamiseke uma ngabe kuba khona ukucisha kukagesi endaweni.


