Njengoba kuyinyanga yokuqwashisa ngokuhlonishwa kwamalungelo abantu abakhubazekile okuba minyaka yonke kusukela ngomhlaka 3 Novemba kuze kube umhlaka 3Disemba. Nathi kungakuhle sizifundise ukwazisa kanye nokuhlonipha amalungelo abo.
Abantu abakhubazekile ngokwehlukana kwabo bayaludinga uthando nenhlonipho, ukuze nabo bazizwe bamukelekile emphakathini esiphila kuwona, ngoba isikhathi esiningi bavame ukukhala ngokuthi babukelwa phansi ngoba bona bengafani nabanye abantu ngokomzimba noma ngokwezinga lokusebenza kwengqondo yabo.
Okunye okuvame ukuthi bakhale ngakho abantu abakhubazekile ukuthi uhulumeni akabahlinzeki ngokwanele ngezikole ezihambisana nokukhubazeka kwabo nokuthi noma zikhona kodwa ziyingcosana futhi kuba yinkinga ukufinyelela kuzona.
Inkinga yokungatholi isibonelelo semali ngendlela elingana nokwezidingo zabo njengoba abanye babo banemindeni okumele bayigcine ngaso lesibonelelo esisuke singanele, ikakhulukazi kulesikhathi lapho namathuba emsebenzi eyingcosana.
Uma kuza ngasohlangothini lokuqashwa bayakhala ngokuthi mancane kakhulu amathuba okuthi baqasheke lokhu okudalwa izindlela ezahlukene abasuke bekhubazeke ngazo okwenza kube lukhuni ukuthi bafinyelele kalula ezikhungweni noma ezinkampanini nasezimbonini.
Ezinye izinto ezithikameza amalungelo abo ukuthi abantu abangakhubazekile abazihloniphi izindawo ezisuke zibekelwe abantu abakhubazekile ezifana nezindawo zokupaka izimoto zabantu abakhubazekile. Isikhathi esiningi abantu bajaha ukupaka ezindaweni ezenzelwe abashayeli abahamba ngezihlalo ezinamasondo ngoba zona ziseduzane nezakhiwo.
Emabhilidini anamakheshe (Lifts/Elevators) asuke ehlinzekelwe abantu abakhubazekile nasebekhulile nalapho abantu bayathanda ukugijimela kuwona bona bagcine bengasakwazi ukungena kwikheshe.
Abanikazi bamabhilidi abanye abawafaki amakheshe anomshini onezwi elibikezela inombolo yesitezi ukuze okhubazeke ngokungezwa akwazi ukuthi ezwe uma kumele angene ngoma aphume.
Embuthanweni eminingi akunakwa ukuthi kube khona umuntu otolika ngolimi lwezandla (Sign Language) ukuze ongezwa emadlebeni akwazi ukuqonda ukuthi kukhulunywa ngani.
Indlela esingahlonipha futhi sikhombise ukuthi siyabathanda abantu abakhubazekile ukuthi siqaphele izidingo zabo singababukeli phansi, singabadabukeli, sihloniphe izinto ezibekelwe ukuthi zisetshenziswe yibo, nokuthi sizihluphe ngokuthi sifunde indlela yokuxhumana nalabo abakhubazeke ngokungezwa emadlebeni.
Sengiphetha nohulumeni wethu, kanye nezinhlangano zemiphakathi sengathi zingazihlupha ngokubamba imikhankaso yokuqwashisa abantu ngokuqonda amalungelo kanye nezifiso zabantu abakhubazekile. Ngoba ukukhubazeka yinto noma nini futhi eyenzeka ngezindlela ezahlukene okungaba uhlobo oluthize lokugula noma uhlobo oluthize lwengozi olungenza umuntu akhubazeke okwesikhashana noma impilo yakhe yonke.MASIZIFUNDISE UKUHLONIPHA IZINDAWO EZIBEKELWE ABANTU ABAKHUBAZEKILE

