SHEILA MHLONGO
Kuzokhuphuka imali yezibonelelo zikahulumeni ukuze zihambisane nezindleko zokuphila kodwa lokhu kuzoshiya ngaphandle labo abathola izibonelelo zika R350 ngaphansi kohlelo lwe Soocial Releif of Distress (SRD).
Lezindaba zokukhuphuka kwezibonelelo zimenyezelwe uNqongqoshe wezeziMali kuzwelonke, uMnu Enok Godongwane ngesikhathi ethula inkulumo yesabelomali sika 2024/2025 ngeviki eledlule, ngoLwesithathu lomhlaka 21 Febhuwari, eCape Town.
“ Sikhathazekile ngokwenyuka kwezinga lezindlelo zokuphila ikakhulukazi kubantu ababalelwa ku19million abathola izibonelelo zikahulumeni , okungakho sibone ukuthi senze ngokusemandleni ukubacabangela sibuka nesabelo esinaso. Kusho uGodongwane.
Ngokwesabelomali esethulwe uNgqongqoshe zizokhuphuka kanjena izibonelelo:
- R100 – kwabathola imali yokuguga, kanye nama war veterans, abakhubazekile, kanye nabanakekeli, ukukhushulwa kwalemali kuzohlukaniswa kabili. ngoEphreli bazofakelwa uR90 kuthi ngo Okthoba kube uR10.
- R50 – kwabanakekela izintandane
- R20 – Kweyesondlo sezingane
Ukukhuphuka kwezibonelelo zikahulumeni ngaphandle kwesika R350, uNgqongqoshe uthe kuhambisana nesabelomali kusukela ku R217.1 billion ngonyaka wezimali ka 2023/24 saye sakhuphuka safinyelela ku R259.3 billion onyakeni ka 2026/27.
Lesi se COVID-19 Social Grant Relief of Distress, sona sibekelwe uR33.6 billion ku 2024/25 lokhu okuhlanganisa unyaka wezimali ka 2025/2026 kanye no 2026/2027.
UNgqongqoshe uphinde wakuveza ukuthi bamatasa nezinhlelo zokwenza ngcono isibonelelo sika R350 , ngenyanga ka Ephreli kulonyaka uMnyango wezeziMali uzosebenzisana nowezokuThuthukiswa koMphakathi ukuqinisekisa ukuthi kwenziwe ngcono lesibonelelo. Lokhu kwenzelwa ukubhekela isimo sabantu ababalelwa ku 18.8million kunyaka ka 2023/24 sikhupha siye sifinyelela ku 19.7million ngonyaka ka 2026/2027. SANews.gov.za

