SHEILA MHLONGO
UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDktl. Joe Phaahla, wemukele isabelomali salomnyango sika R3.7 billion onyakeni ka 2024/2025. Lesabelomali sizosiza ukuholela abasebenzi bezempilo, kusho uPhaahla emva kwenkulumo yesabelomali eyethulwe uNgqongqoshe wezeziMali, uMnu Enock Godongwana.
Echaza uPhaahla mayelana nalesabelomali somnyango wakhe uthe sizosiza ukukhuphula imali yemiholo siphinde selekelele ekuqashweni kwabasebenzi abasha ikakhulukazi abahlengikazi kanye nodokotela.
Isabelomali soMnyango wezeMpilo esimenyezelwe uNgqongqoshe wezeziMali sesisonke sibalelwa ku R848 billion ngokohlaka olumaphakathi nendawo
(Medium-Term Expenditure Framework) okuyinto ethakaselwe uDktl. Phaahla.
Kulesabelomali sihlanganisa isamba sika R11,6 billion esizosiza ukubhekana nezindleko zemiholo ezihambisana nesivumelwano esenziwa ngonyaka ophelile, kube uR27.3 billion ozobhekana nengqalasizinda, kanye no R1,4 billion ozobhekana nesibonelelo (grant) ye National Health Insurance (NHI).
“Ukuhlinzekwa kwesikhwama seNHI, kuyindlela uhulumeni akhombisa ngayo ukuzibophezela kwakhe kulomthetho.” Kusho uGodongwana ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yesabelomali sika 2024 ePhalamende.SANews.gov.za

