Inhlangano ye-IEC iphikise ukuqokwa kukaZuma ukuthi angene ephalamende

SHEILA MHLONGO

Inhlangano ye-Independent  Electoral Commission (IEC)  eNingizimu  Afrika iphikise ukuqokwa kwalowo owabe enguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma ukuthi abe sohlwini abazongena ePhalamende ngaphansi kweqembu lakhe elisha uMkhonto Wesizwe Party. Lezizindaba zimenyezelwe abe IEC ngoLwesine olwedlule. Kanti neqembu le MK nalo lazisiwe ngalesinqumo.

UZuma ubeqokwe iqembu lakhe le MK Party njengoseqhulwini ohlwini lwabazolimela ephalamende uma liwina ukhetho lomhlaka 29 Meyi 2024. Lokhu leliqebu likwenze phezu kokuthi lazi ukuthi uZuma wake waba isiboshwa esagwetshwa izinyanga ezingu-15, ngaleyondlela umthetho awumvumeli uZuma abe sephalamende, ngokusho kweIEC.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka ka 2021, uZuma uze wagwetshwa izinyanga ezingu-15 ngoba wenqaba ukuyovela phanbi kwekhomishana kaJaji uZondo ukuthi ethule ubufakazi ngokubandakanyeka kwakhe ezinsolweni ze State Capture, ezihlanganisa nabomndeni wabakwaGupta.

Ngokusho kwabe IEC,ngokomthetho wesigaba 47 (section 47) uthi noma ngabe imuphi umuntu oke wagwetshwa izinyanga ezingaphezu kuka 12 edonsa ejele ngaphandle kokuthi athole ithuba lokukhokha inhlawulo, angeke akwazi ukumela iqembu lezepolitiki ephalamende.

Abameli balowo baka Zuma bazwakalise ukusiphendula lesinqumo seIEC ngesizathu abathi uZuma wayengaboshelwanga icala lobugebengu kodwa waboshelwa icala lombango (Civil Case). Ngakho kufanele ukuthi angakhishwa ngaphandle.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *