
SHEILA MHLONGO
Izakhamizi zaseThekwini ziyamenywa ukuthi zenze izethulo zazo mayelana nohlelo lwentuthuko edidiyelwe (IDP) lonyaka wezimali ka 2024/2025, okuwuhlu lwamasu okuyiwo alawula ukwethulwa kwemisebenzi yentuthuko kubantu.
Lonke uhlelo oluhlanganisa ukwabiwa kwezimali, ezokuphatha, ukuthathwa kwezinqumo okuhlangene nokulethwa kwemisebenzi kubantu kanye nezentuthuko ezindaweni zikaMasipala ziqukethwe kulomqulu obizwa nge Business plan yedolobha.
Ngokusho kwesitatimende esikhishelwe abezindaba sithi lomqulu we IDP umayelana nokusombulula izinkinga ezikhungethe idolobha okuyisu elimayelana nezixazululo zesikhathi eside kodwa ezihambelanayo nesu lomhlaba, lukazwelonke, kanye nolwezifundazwe oluhlanganisa iSustainabe Development Plan (IDP) kanye nelokuthuthikiswa kwesifundazwe.
Uhlelo lweIDP luqukethe amasu ayisishagalombili (8) okuyiwo azosiza idolobha ukuthi lifinyelele emgomeni walo lapha eAfrika libe idolobha elinakekelayo nokuhlalekayo kulo.
Wonke lamasu ahlobene kanti ahlanganisa indlela yokuthuthukisa aphinde asimamise izindawo, umnotho, ukudalwa kwamathuba emsebenzi, kanye nokudala izimo zokuhlala ezifanele.
Le-IDP iphinde ihlanganise nesimo esihle sokuhlalisana kahle kwemiphakathi eyahlukene, ukuthuthukiswa kwamakhono emphakathini yethu,ukuphathwa kahle kwezinto zikahulumeni, kuqinisekiswa ukuphathwa kahle kwezimali.
Uma sekuphothulwe uhlelo kube sekudwetshwa indlela okuzosetshenzwa ngayo izimali zokwethulwa kwemisebenzi kubantu ukuze kube iyona ndlela yokuqapha izinhlelo ezahlukene kanye nemisebenzi equkethwe kumgomo ngamunye. Lapha kuhlanganiswa okuphathelene nezimali kanye nokungahlangene nezimali, okuyinto eyenzelwa ukuqapha ukwethulwa kwemisebenzi okuyinto ehambisana neIDP.
UMasipala weTheku uveze ukuthi ubonisana nezakhamizi mayelana nokudwetshwa kwesu lentuthuko edidiyelwe kuhlanganisa nokudwetshwa kwesabelomali, ngakho kubalulekile ukuthi abantu basebenzise lelithuba lokuthi benze izethulo zemibono yabo mayelana nohlelo lwentuthuko yedolobha, baqinisekise ukuthi izidingo zabo ziyaziwa. Umqulu we Draft IDP uyatholakala kwi website:durban.gov.za.
Ukulethwa kwezethulo kuvalwa ngomhlaka 23 Ephreli 2023. Izethulo zithunyelwa ku comments2021@durban.gov.za . SANews.gov.za

