Sanbonani bantu bakithi emva kwephasika . Kuningi okwenzekile abanye bashiywe yizihlobo zabo ngezingozi zemigwaqo . Ngicela baduduzeke bonke abalahlekelwe Inkosi iwavale lawomanxeba . Inkosi ibathwale kulesimo baze bafihle izihlobo zabo ziphumule ngokuthula .
Kwabalimele abasezibhedlela ngezingozi ezihlukile mabaphile nabo uNkulunkulu abasingathe awubambe umoya wabo ungabashiyi balulame babuyele ezihlotsheni zabo ezisabadinga . Wonke umuntu othe wehlelwa yisimo esingesihle kulempelasonto esibuya kuyona ngicela ududuzeke uxole emoyeni kuzondlula uNkulunkulu unawe
Obhalayo umfundisi Katlego Nare

