SHEILA MHLONGO
UMsunguli we-ISIBAYA SAMACIKO CREATIVE AWARDS uNkszn Nodumo Hadebe ekhuluma nephephandaba lomphakathi I-KZN Namuhla uthe, Inhloso yami yokusungula le-organization ukuthi ngangiba buhlungu uma ngibona abaculi abasafufusa noma abantwana abenza lonke uhlobo le-Art benganakwa begcine bezibandakanya kwizidakamizwa nobugebengu ngoba asidalelwe ukuqeda isikole sifunde sigogode sonke abanye bethu baphiliswa amakhono abo”.
Eqhuba uthe, “Abanye uthola ukuthi esikoleni abaphiwe kahle ngabona kukuhle ukusungula ISIBAYA SAMACIKO ukuthi ngibiyele amaciko ekwazi ukuthola izindlela zokujwayela isteji abebhizi namathalente awo, senza imincintiswano sinama – Awards lapha siklomelisa khona amaciko ahlukene nawo azizwe ebalulekile sizokwazi ukunqanda ubugebengu nokusetshenziswa kwezidakamizwa sivikele nokukhulelwa kwentsha ngoba sinemidlalo eyehlukene yokubachithisa isikhathi bedidisekile sibakhuthaze nokuthi babumbane SIKHUTHAZA UBUMBANO UBUNYE NOBUNTU KUYO YONKE IMIKHAKHA YAMACIKO organization.”
“Ngifisa ukuthola uxhaso ngoba kuningi engikufisayo manje iNhlangano ayenzi nzuzo iphila ngokuxhaswa kanti sidinga okuningi singathokoza uma singathola umuntu ongasifukula asiyise phambili ofisa ukuxhumana nathi engasithinta 073 404 8145/071 767 4371.” Ephetha.