Sekuqalile ukungenelwa komncintiswano we KZN Namuhla Artists Awards 2026

AmaCiko azothola ithuba lokuzuza imiklomelo yemali (CASH PRIZES ) ehambisana neziNdondo kanye nezitifiketi kowe KZN Namuhla Artists Awards 2026

Kumenywa wonke amaCiko afisa ukungenela umncintiswano weKZN Namuhla Artists Award 2026, ovulwe ngokusemthethweni ngomhlaka 28 Febhuwari,ukuthi asengaqala abhalise amagama awo, njengoba sazi ukuthi iCiko aliqokwa kodwa liyaziqoka lona ngokubhalisa igama lalo kanye nohlobo lobuCiko elifisa ukubungenela.

UMsunguli walomncintiswano ophinde abe uMhleli wephephandaba IKZN Namuhla ukhuthaza wonke amaCiko anesifiso sokuba ingxenye yalomncintiswano ukuthi asengaqala ukujoyina ngo R250 ohambisana nemininingwane yeCiko kanye nomkhakha iCiko elingena phansi kwawo okungaba owodwa noma ngaphezulu.

Uma iCiko seligcwalisile ifomu maqede lakhokha imali engu R250 wokujoyina lithumele isiliphu sokuthi likhokhile nesithombe salo esicacile ukuze lenzelwe iPoster enemininingwane yokuvotelwa ngemali engu R3 ivoti ngalinye.

Uma  iCiko selibhalisile lathumela ifomu lokungenela lingakwazi lingakwazi ukuqala likhankasele amavoti ngendlela yokuthenga  ngo-R3 ivoti  ngalinye ngokwemininingwane eyofakwa kwiPoster yeCiko. Izindaba ezimnandi; ezokuthi kulokhu amaCiko nawo asezohlomula ngokuziwinela uCash Prize ngaphezu kwamaTrophy, nezitifiketi kanye nokuphromothwa, kulabo abayoba namavoti ahambisana nemibandela ebhalwe kwisimemo.

Okunye okuhle ukuthi alikho nelilodwa ivoti eliyolahleka ngenxa yokubheda kweNetwork. Nokuthi kuba lula kakhulu ukubala amavoti ngoba iphephandaba IKZN Namuhla nsuku zonke liyokwazi ukuzibonela labo asebethenge amavoti ngempumelelo, besebenzisa ibhange. (Capitec)

Inhloso yalendlela entsha yokuvota

*Iphephandaba lomphakathi IKZN Namuhla alixhasiwe ngakho ukuze umcimbi wokuhlonipha amaCiko ube impumelelo kudingeka imali yokukhokhela zonke izindleko kusukela kumalungiselelo kuze kube usuku lomcimbi. Ngaphezu kwalokhu iphephandaba lidinga izimali zokulisimamisa ukuze liqhubeke likwazi ukushicilela izindaba, ligaye iphephandaba, likhokhele abasebenzi, liphinde likwazi ukubhekana nezindleko zezokuxhumana okukhokhela i-airtime neData.

Imali yamaVoti isiza kakhulu ukubhekana nalezizindleko ezibalwe ngezansi:

  • Ukukhokhela imiklomelo yamaTrophy kanye nezitifiketi.
  • Ukuhlomulisa amaCiko ngemali enguKheshi (Cash Prizes).
  • Ukukhokhela izindleko zokwenza iVidio kuleloCiko eliyowashaya onke emakhanda ngamaVoti.

Ngakho kuwo wonke amaciko afisa ukungenela iKZN Namuhla Artists Awards asengakwazi ukubhalisa kusukela ngomhlaka 28 February 2026 kanti ukuvalwa kokubhaliswa kugcina ngomhlaka 15 June 2026 bese kuqalwa ukuvota ngomhlaka 1 March 2026 bese ukuvalwa ngomhlaka- 30 August 2026. Wonke amaCiko ayobe asethole ama Poster awo anesithombe kanye nemininingwane yonke yokuvotelwa.

Umcimbi uyoba ngoMgqibelo womhlaka 5 September 2026 endaweni eyokwaziswa.Ngakho kumenywa amaCiko avela ezingxenyeni zonke za KwaZulu- Natal kanye nakwezinye izifundazwe zakuleli amukelekile ukungenela.

UKWAZI KABANZI ABANESIFISO SOKUNGENELA BANGAXHUMANA NOMHLELI WOMCIMBI UMAMA U-SHEILA MHLONGO ENOMBOLWENI YOCINGO NEKA-WHATS’APP: 079 467 9297 NOMA :076 390 6969

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *