Izakhamizi zikhala ngokuphelelwa ithemba kuhulumeni wakuleli

Izethameli zomhlangano we DDP Public Forum #SONA 26Iz

Ngaphansi kwesiqubulo esithi “Your Vote, Your Voice, Make it Count”  kube nezingxoxo zokubonisana emhlanganweni we-DDP Public Forum # SONA26

Inkinga yokuphelelwa ithemba kuhulumeni wakuleli ivele ngesikhathi kuqhubeka izingxoxo emhlanganweni obumenywe inhlangano iDemocracy Development Program NPC (DDP)  nobubanjelwe Elangeni Hotel ngomhlaka 26 Febhuwari 2026

Phakathi kwezethameli zomhlangano bekukhona izinhlangano ezingenzi inzuzo ezihlanganisa iBlack Sash, izifundiswa, abebemele Abahlali Basemjondolo, kanye namalunga omphakathi abevela ezingxenyeni ezahlukene zeTheku.

Emva kokulalela izethulo zezikhulumi,izethameli zomhlangano nazo zinikezwe ithuba lokuthi ziveze umbono wazo mayelana nenkulumo kaMengameli (SONA) kanye nesimo sezwe okuhlanganisa inkinga yengxabano ekhona phakathi kwezakhamizi zaseNingizimu Afrika kanye, nabantu bokufika abakuleli ngokungemthetho.

Zonke izethameli zomhlangano zivumelene ngazwi linye lokuthi inkulumo kaMengameli ibe nezethembiso kodwa iqiniso ukuthi akusekho ukwethenjwa kuhulumeni ngenxa yezinkinga ezikhungethe elakuleli ezifana nenhluphekho ecindezele abantu, bakhala ngokwesweleka kwamathuba omsebenzi, intsha ifundile kodwa ayiqashwa,inkinga yamanzi nogesi, kanye namathuba okungena kwezamabhizinisi kuhlanganisa nokusalela ngaphandle kwabantu kwezomnotho, nokungathuthukiswa kwezindawo zasemalokishini ngokomnotho.

Okunye okuvelile ukuthi abantu abadala ibona abaqhoqhobele izikhundla kuhulumeni, abafuni ukuthatha umhlalaphansi badedele intsha ekubeni ifundile kodwa ayiqashwa. Kuphinde kwavela nenkohlakalo ekhungethe iminyango emibili oweSASSA kanye nowezaseKhaya, lapha kuthiwa izisebenzi zakhona zithengisa amakhadi okuhola izibonelelo kumalunga omphakathi.

Mayelana nodaba lwenkinga yabantu bangaphandle abangena ngokungemthetho, kubenemibono ehlukane phakathi kwezethameli ezinye zikhala ngokungayithakaseli indaba yabantu abavela kwamanye amazwe kanti nabokufika nabo bavumelene ngokuthi yebo akukuhle ukuthi abantu bangene kuleli ngokungemthetho ngoba lokho kwenza ukuthi inkinga yobugebengu ingalawuleki.

Mayelana nodaba lwe-Digitisation, okungezobuchwepheshe kweze Intanethi, kube nombono wokuthi akusibobonke abantu abakwazi ukungena kuyona le-Intanethi kanti iningi alikafundiseki ngalobuchwepheshe.

Mayelana nodaba lwezokufuduka (Immigration)  owenhlangano iBlack Sash, uveze olunye uhlangothi lokuthi nabantu baseNingizimu Afrika bakhona abangaqoshiwe phansi eMnyangweni wezaseKhaya, njengoba kukhona abangenazo izitifiketi zokuzalwa, kanye nomazisi (ID’s) wathi kungabhekwa nje kuphela abokufika.

Owenhlangano Abahlali baseMjondolo uphawule ngokuthi akumele kucwaswe abantu bokufika kuleli ngoba unyawo alunampumulo. “Singavumi ukulwa sodwa kodwa kumele siqaphele udaba lwe-system.” Kusho yena.

USphamandla Mhlongo we-DDP, uthe indaba yokufuduka kumele ibhekisiswe ngeso elibukhali ngoba nabantu bakuleli bayakuthola ukucwaswa ngenxa yobuzwe kanye nezindawo abasuka kuzona wenza isibonelo ngeqembu le-Democratic Alliance (DA), lapho yayicwasa khona abantu ababefudukela eCape Town ngoba bevela esifundazweni sase Eastern Cape, kodwa abantu bathula.

USpha Mhlongo weDDP ube esekhuthaza zonke izethameli ukuthi zingavumeli ukuphakama kwemimoya. “Singakhohlwa ukuthi sonke singabantu  sinamalungelo, futhi ningavumi,ukusetshenziswa abantu abanezinhloso zabo besebenzisa ubuzwe.”

Okunye okuvelile ukuthi, yebo uMengameli ukhulumile kodwa ayikho inkombandlela (Action Plan) ukuthi konke akushilo kuzokwenzeka kanjani.

Kanti abezinhlangano ezingenzi inzuzo (NPO’s) bona bakhale ngokuthi inkulumo kaMengameli, ibashiye ngaphandle njengoba kungekho mali eyabelwe bona ukuthi bakwazi ukuqhuba umsebenzi wokusiza imiphakathi ezindaweni abasebenzela kuzona.

Abantu bakuleli bahlaselwe ingcindezi yokomqondo, zininigi izinkinga ezikhungethe imindeni, imishado eminingi iyehlukana. Ogogo bathwele kanzima, izingane zamantombazane zizala izingane ngoba zifuna ukuthola isibonelelo sikahulumeni, lokhu okuphenduka umthwalo kogogo.

Udaba lokujutshwa kwamasosha ombutho we SANDF kunokukhathazeka ukuthi angeke akwazi ukwenza lokhu okubhekeke ukuthi akwenze,futhi kubonakala sengathi uhulumeni wenza lokhu ngoba sekusondele ukhetho.

“ Yenza ivoti lakho, nezwi lakho likusebenzele” lokhu okusho ukuthi abantu kumele basebenzise ivoti labo ukukhetha uhulumeni ozobasebenzela. Lokhu kube umyalezo obhekiswe emphakathini njengoba kuza ukhetho loHulumeni baseKhaya.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *