

Ibhalwe nguPaul Kariuki noMbalenhle Finest Mkhize
Imiphakathi ephephile iqala ngentando yeningi eqinile. Sivame ukubheka ubugebengu njengento edinga amaphoyisa kuphela, kodwa iqiniso ukuthi udlame, ukuhehwa kwentsha emaqenjini ezigebengu kanye nodlame olubhekiswe kwabesifazane kuyizimpawu zokwehluleka kombuso, ukungabandakanywa kwabantu kanye nokungabi namandla kwezakhamizi. Ukwakha ukuphepha emphakathini kudinga okungaphezu kokuqapha kwamaphoyisa nokuboshwa kwezigebengu kudinga ukubusa ngokubambisana kanye nokubamba iqhaza kwabantu ngendlela ephusile ukuze bakwazi ukuba nezwi mayelana nezinqumo ezithinta izimpilo zabo.
Ukubusa ngokubambisana kusho ukuthi zonke izinhlaka zikahulumeni kazwelonke, wesifundazwe kanye nomasipala zisebenzisana ngendlela ehlelekile, enokuziphendulela kanye nokubambisana nezinhlangano zomphakathi kanye nezamabhizinisi. Uma lokhu kubambisana kwehluleka, ukulethwa kwezidingo emphakathini kuyaphazamiseka: imigwaqo ihlala ingenazibani, izinsiza zenhlalakahle ziba buthakathaka, izinhlelo zentsha zingatholi uxhaso olwanele, bese inkohlakalo igcwalisa leso sikhala. Ezindaweni ezinjalo, ukuphelelwa yithemba nokushiywa ngaphandle kuvulela ubugebengu indlela. Kodwa uma izinhlaka zikahulumeni zisebenzisana futhi umphakathi ukwazi ukubabeka icala abaholi, kuba khona amathuba okuvimbela ubugebengu kusenesikhathi: izinhlelo eziqinile zentsha, ukusabela ngokushesha lapho kuvela izingxabano, kanye nokwabiwa kwezinsiza zomphakathi ngendlela ecacile.
Ukufundiswa kwabantu ngamalungelo abo kuyibhuloho elixhumanisa izakhamizi nalezo zinhlelo. Akusikho ukufundisa kuphela ngomthethosisekelo ezikoleni; kodwa ukuqeqeshwa okusebenzayo okunikeza abantu amandla okwazi ukuxoxisana nabaphethe amandla, ukusebenzisa amathuluzi asemthethweni, kanye nokufuna ukuthi izethembiso zigcwaliseke. Imfundo yobuzwe ephumelelayo ifundisa abantu indlela yokwazi ukuthi ubani ophethe amandla emphakathini, ukubona abathatha izinqumo, kanye nokusebenzisa amathuluzi alula okubeka uhulumeni icala njengezikhalazo zomphakathi, imihlangano yomphakathi, ukuqapha umsebenzi kahulumeni kanye nokuzibandakanya kumakomiti amawadi. Iphinde ifundise umphakathi umehluko phakathi kokubonisana okungamanga imihlangano eyenziwa nje ngaphandle kokulandela izinqumo kanye nokubamba iqhaza kwangempela okuthinta izabelomali, izinqubomgomo kanye nokulethwa kwezinsiza.
Amathuluzi asebenzayo enza umehluko omkhulu. Ukuhlonza abantu abanamandla emphakathini kusiza ukubona ukuthi ubani onethonya, ubani oshiywe ngaphandle, nokuthi ingcindezi kufanele ibhekiswe kubani. Uhlu lwababambiqhaza lusiza izinhlangano zomphakathi ukuthi zibhekane nezikhulu ezifanele kanye nabalingani abafanele kusukela emaphoyiseni, eminyangweni yezokuphepha komasipala kuya emahhovisi athuthukisa intsha kanye namabhizinisi endawo. Izindlela ezilula zokubeka uhulumeni icala zivumela umphakathi ukuthi ulandelele izethembiso, ushicilele inqubekelaphambili futhi ukhuphule izikhalo uma izikhulu zingafezi umsebenzi wazo. Ukwakha izinhlelo zokubamba iqhaza komphakathi ezibhekana nezinkinga ezithile njengezibani zomgwaqo, izinhlelo zangemuva kwesikole noma izithangami zamaphoyisa omphakathi kwenza amalungelo abantu abe yizinto ezibonakalayo nezilinganisekayo.
Kubalulekile ukuthi kugxilwe kakhulu entsheni kanye nalabo abavamise ukushiywa ngaphandle. Intsha ivame ukuba yizisulu futhi ibe yizingxenye zamaqembu ezigebengu; ukubabandakanya ekwakheni izinhlelo zokuvimbela ubugebengu kunciphisa ukuheheka kobugebengu. Ngokufanayo, abesifazane, abantu abahlala emijondolo kanye namaqembu amancane emphakathini kufanele bamenywe futhi basekelwe ngokugcwele ukuze babambe iqhaza, ukuze izinhlelo zokuvimbela ubugebengu zibe nezwi labo futhi zisekelwe ezimweni zangempela abaphila kuzo.
Ukuqinisa ukuvimbela ubugebengu emphakathini, izinhlangano zomphakathi, izikhulu zikamasipala kanye nezinhlangano ezizimele kufanele zisebenzisane njengabalingani. Omasipala kufanele benze izinhlelo zokubamba iqhaza komphakathi eziqhubekayo, ezixhaswe kahle futhi ezikhiqiza izinhlelo zokusebenza ezicacile ezinabantu ababhekene nokuziphendulela kanye nezikhathi zokufeza umsebenzi. Izinhlangano zomphakathi kufanele zandise imfundo yobuzwe esebenzayo eqeqesha abaqaphi bomphakathi, iqinise amakomiti amawadi futhi ixhase ubuholi bentsha. Abanikelayo kanye nabaxhasi bezimali kufanele bagxile ekuxhaseni izinhlelo ezakha la makhono esikhathi eside kunokuxhasa ukuqeqeshwa kwesikhashana okungalandelwa.
Ekugcineni, izakhamuzi kufanele zifune ukuziphendulela. Ukubamba iqhaza akusona isigameko sosuku olulodwa kuyindlela yokuphila. Abantu kufanele bafune ukuthi yonke imihlangano yomphakathi iphele ngezithembiso ezicacile, amarekhodi ashicilelwe kanye nezindlela zokulandelela umsebenzi. Inqubekelaphambili kufanele ilandelwe obala, impumelelo ibungazwe futhi ukwehluleka kuvezwe emphakathini. Uma abantu abajwayelekile besebenzisa njalo amathuluzi obuzwe ukuthonya izinqumo, ukubusa kuba nokuphendula futhi ukuvimbela ubugebengu kuba yinto eqhubekayo.
Imiphakathi ephephile ayiveli phezulu kuphela; yakhiwa ngokubambisana phakathi kwabantu nohulumeni. Ngokutshala imali ekubuseni ngokubambisana, emfundweni yobuzwe esebenzayo kanye nokubamba iqhaza okubandakanya wonke umuntu, singaguqula amazwi abe yizenzo, siguqule izithangami ezingelutho zibe izinhlelo eziziphendulelayo, futhi sakhe amasu okuvimbela ubugebengu azohlala isikhathi eside ukuvikela imiphakathi yethu. Lomsebenzi uyaphuthuma futhi uqala lapho abantu bemi ndawonye befuna ilungelo labo lokuthonya izinqumo ezithinta izimpilo zabo.
UDkt Paul Kariuki unguMqondisi Omkhulu we-Democracy Development Program (DDP). UNksz Mbalenhle F. Mkhize unguMphathi Wezobudlelwano Nabalingani kanye Nokuthuthukiswa kwi-DDP.

