IJaji limnqumele ugwayi katiki uS’khosana ongumsolwa ecaleni lokubulawa kuka Sindiso Magaqa

IJaji enkantolo eNkulu eMgungundlovu linqumele uMnu Zweliphansi Stanley Sikhosana owabe eyimenja kuMasipala waseMzimkhulu ongumsolwa ecaleni lokubulawa kukaSindiswa Magaqa ugwayi katiki. Lokhu kuza emuva kokuthi lelicala selihlehle kaningi ngenxa yokuthi umsolwa uSkhosana elokhu exosha abameli lokhu ebelokhu ekwenza njalo uma kumele kuhlale icala.

Namuhla ngoMsombuluko womhlaka 18 Meyi bekumele liqale icala kodwa akwenzekanga lokho njengoba uMnu Skhosana eseqoke omunye futhi ummeli, uMnu Dlamini naye onxuse ukuthi ucela ukunikwa ithuba ukuze afundisise kahle amadokhethe ecala, lokhu okwenze ukuthi icala lihlehlele  umhlaka 3 Juni,lapho kuyobe sekumenyezelwa khona usuku lokuqala kokuqulwa kwecala.

Limemezela ukuhlehla kosuku lokuhlala kwecala, iJaji lizwakalise ukucasuka ebelikubhekise kumsolwa uMnu Skhosana lisho ukuthi uxhaphaza ilungelo lakhe lokuba nommeli ngokulokhu enza izaba zokulibazisa ukuqulwa kwecala njengoba elokhu exosha abameli bakhe. Ngaleyondlela ijali libe selimnqumela ugwayi katiki lathi inkantolo angeke ikubekezelele lokhu kubambezeleka okungenzasidingo lathi nakanjani icala liyoqulwangisho noma ngabe engenaye ummeli uS’khosana.

“Noma unaye ummeli noma awunaye ngoba umxoshile, icala lona liyoqala ukuqulwa  kusukela ngomhlaka 9 Novemba 2026 ngoba sikhathele ukubekezelela wena ulokhu uxosha abameli bakho ngoba ufuna ukulibazisa inkantolo.”

Umshushisi naye uzwakalise ukukhathazeka kwakhe ngendaba kammangalelwa uSkhosana nezaba zakhe zokulibazisa icala, waze wathi nofakazi nabo sebekhathele ukulinda njengoba sekuphele iminyaka eyisithupha behleli ekubhaceni. Kanti okunye umshushisi uthe sekufe abantu abane (4) obekumele babe ngofakazi kulelicala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *