UMFUNDISI UTHULASIZWE BUTHELEZI USEWUSHAYELE IHLOMBE UMSEBENZI OMUHLE OQHUBEKAYO OWENZIWA IPOLITICAL KILLINGS TASK TEAM

UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana Nezindaba ZoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi, wamukele ukuboshwa komsolwa ohlobene necala lokubulawa kweNkosi uSiphamandla Khumalo kanye nonkosikazi wakhe, uNdlunkulu uThuthukile Khumalo, wabulawa ngesihluku ngoMfumfu ka-2023.

Lo msolwa oneminyaka engu-29 ubudala uboshwe mhla ziyi-14 kuNhlaba 2026 ngamalungu eQembu loPhiko lwaMaphoyisa aseNingizimu Afrika eliphenya amacala okubulawa kwezepolitiki, iPolitical Killings Task Team (PKTT).

UMEC Buthelezi uncome i-PKTT ngokuzimisela, ukubekezela nokusebenza ngokuzikhandla ekuphishekeleni ubulungiswa kuleli cala. Uthe ukuboshwa komsolwa kuletha induduzo emndenini, eMkhandlwini woBukhosi baMantungwa kanye nasohlelweni lobuholi bendabuko jikelele.

“Le ntuthuko ikhombisa ukusebenza ngokuzikhandla kwezikhungo zethu zomthetho ukuqinisekisa ukuthi labo abathintekayo kulezi zenzo ezinesihluku bayaboshwa futhi babhekane nomthetho. Sincoma i-PKTT ngomsebenzi wayo oqhubekayo wokulwa nokubulawa kwabantu okuhlobene nezepolitiki nokuhlosiwe,” kusho uMEC Buthelezi.

Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Utrecht namuhla, ngoLwesihlanu mhla ziyi-15 kuNhlaba 2026, ebhekene namacala amabili okubulala kanye nelokuzama ukubulala.

UMEC unxuse imiphakathi ukuthi isebenzisane neziphathimandla ngokuphumela obala ngolwazi olungasiza abomthetho ekubambeni abasolwa abahlobene nokuhlaselwa kwamakhosi nezinduna.

“Sinxusa amalungu omphakathi ukuthi aphumele obala ngolwazi oluqinisekile olungasiza ekuqedeni lokhu kubulalana okungenasidingo. Ukubambisana komphakathi kubalulekile ekubuyiseni ukuphepha nokuzinza,” kwengeza uMEC.

UMnyango uphinde waqinisekisa ukuzibophezela kwawo ekusebenzisaneni nezinhlaka zomthetho kanye nabanye ababambiqhaza ukuqinisa izindlela zokuvikela amakhosi nezinduna esifundazweni sonke.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *