

SHEILA MHLONGO
Kube nezinyembezi zenjabulo e-Ward 14 eThornwood njengoba imindeni eyi-16 ithole okhiye bezindlu zayo ezintsha namuhla, okuwuphawu olubalulekile ohlelweni oluqhubekayo lukaMasipala lokulethwa kwezindlu.
USihlalo weKomidi LezokuHlaliswa KwaBantu, Ezobunjiniyela Nezokuthutha, uKhansela Themba Mvubu, uhole umcimbi wokunikezelwa kwezindlu ehambisana nePhini likaSihlalo, uKhansela Sifiso Mkhize kanye noKhansela weWadi uMthokozisi Gasa.
Lo mcimbi ulethe ithemba, isithunzi kanye nenjabulo emindenini ebiphile iminyaka eminingi ngaphansi kwezimo ezingagculisi nezibucayi.
Abahlomuli bathole izindlu zabo ngaphansi kwephrojekthi yezindlu i-R293 Housing Project, okuwuhlelo olukhulu lukaMasipala oluhlose ukwakha kabusha nokuthuthukisa izindlu ezakhiwa ngaphambi kuka-1994 ezindaweni ezingamalokishi amadala.
Le phrojekthi imele utshalomali olukhulu lukaMasipala futhi kulindeleke ukuthi ilethe izindlu ezingama-700 eWard 14 uma isiqediwe.
UKhansela Mvubu uthe lolu hlelo lugxile ekulungiseni izakhiwo ebezingaphephile nokuzithuthukisa ukuze zihambisane nezinga lezokwakha lamanje.
“Siyakhuthazeka ukubona umsebenzi uqhubeka kahle eWard 14. Njalo uma kuqedwa iyunithi, siyinikeza ngokushesha abahlomulayo. Asikwazi ukubambezela usizo kubahlali asebelinde isikhathi eside kangaka,” kusho yena.
Iningi labahlomuli belihlala ngaphansi kwezimo eziminyene nezingaphephile, lapho eminye imindeni enabantu abafinyelela kwabayisishiyagalolunye ibihlala egumbini elilodwa.
Omunye wabahlomuli, u-Andile Ngcobo oneminyaka engu-32, uchaze lolu suku njengoshintsho olukhulu empilweni yomndeni wakhe.
“Angikwazi ukuchaza ngokugcwele ukuthi lolu suku lusho ukuthini kithi. Silinde leli thuba iminyaka eminingi.
Ukuhlala egumbini elilodwa nezingane zakwethu eziyisishiyagalolunye bekunzima kakhulu, kodwa asikaze siphelelwe ithemba. Namuhla siyabonga ngokuthi uMasipala usigcinele isethembiso sawo,” kusho yena.
IPHELA
Ikhishwe uMnyango Wezokukhangisa kanye Nezokuxhumana woMasipala waseThekwini.

