Ekugcineni umphakathi wase Mzimkhulu uthole ubulungiswa kubuyiswa umhlaba wawo

ULwesihlanu, 20 Mashi 2026

Imiphakathi yase-uMzimkhulu yamukele ngenjabulo lokho ekuchaze njengomzuzu wobulungiswa nokubuyiselwa obulindelwe isikhathi eside, ngesikhathi uMengameli uCyril Ramaphosa enikeza ngokusemthethweni izitifiketi zobunikazi bomhlaba (title deeds) kubahlomuli bezicelo zomhlaba ngoLwesihlanulomhlaka 20 Mashi.

Lokhu kunikezwa, okuyingxenye yoHlelo Lukahulumeni Lokubuyiselwa Komhlaba ngaphansi koMthetho Wokubuyiselwa Kwamalungelo Omhlaba, kubuyisela ngaphezu kwamahektha angu-17 000 emiphakathini emine efake izicelo — imiphakathi yaseNgunjini, iNdzimankulu/Vierkant kanye neSt Paul, kanye nomndeni wakwaLawrence.

Kubahlomuli abaningi, lo mcimbi uphawule ukuphela kweminyaka eminingi yokulinda kanye nokuqala kwesahluko esisha.

Ekhuluma neSAnews ngaphambi kokuthola isitifiketi sobunikazi, uYongama Nyangiwe, omele umphakathi waseNdzimankulu/Vierkant, uthe lolu  lusho lukhulu emindenini eyalwa ukuze  izuze amalungelo ayo omhlaba.

“Lolu usuku lwezindaba ezinhle. Sekuyisikhathi eside silindele lo mzuzu ukuze sinikezwe izitifiketi zobunikazi, ngoba awukwazi ukusho ukuthi ungumnikazi womhlaba ngaphandle kwesitifiketi,” kusho yena.

UNyangiwe uchaze ukuthi isicelo saqalwa nguyise ongasekho, owayeyinduna, egameni lomphakathi owakhishwa ngenkani ngesikhathi sobandlululo.

“Namuhla umphakathi ujabule kakhulu. Sikholelwa ukuthi sizosebenzisana njengabahlomuli futhi siqale amaphrojekthi azosiza umphakathi ngendlela enhle,” engeza.

Isicelo saseNdzimankulu/Vierkant siqale ekuqaleni kwekhulu lama-20, lapho izinhlelo zomhlaba zenkoloni kanye nemithetho yobandlululo efana noMthetho Womhlaba Wabamnyama (Natives Land Act) kwaphuca imiphakathi amalungelo ayo omhlaba wesintu.

Ngemva kophenyo olunzulu, isicelo saqinisekiswa futhi sagcina sesixazululiwe, kubuyiselwa ngaphezu kwamahektha angu-2 500 emindenini engu-124, okuhlomula abantu abangu-575. Lesi sixazululo sihlanganisa iphakheji elibiza u-R35 million, kanye nezinhlelo zentuthuko nezivumelwano zokuqondisa (mentorship) ukweseka ukusetshenziswa komhlaba ngendlela eqhubekayo.

Kumndeni wakwaLawrence, lolu hlelo lokubuyiselwa komhlaba lube ukuvalwa kwesahluko esibuhlungu sokukhishwa ngenkani.

UJohn Lawrence ukhumbule ukuthi umndeni wakhe wakhishwa eminyakeni eminingi eyedlule.

“Ugogo nomkhulu bahlala khona iminyaka engaphezu kwengu-70, futhi sakhishwa kuleyo ndawo eminyakeni engu-50 eyedlule. Izindlu zadilizwa ngemishini emikhulu, kwacekelwa phansi yonke into,” etshela iSAnews.
“Saze sashiya nezimpahla zethu ngoba besingazi ukuthi siyaphi.”

Uchaze lo mcimbi njengomzuzu wokubonga nokupholisa amanxeba.

“Namuhla usuku olujabulisayo. Besingakaze sicabange ukuthi sizobuyiselwa umhlaba wethu, kodwa namuhla sesinazo izitifiketi. Umhlaba ubuyile kithi, manje sesingagubha,” kusho yena.

Isicelo somndeni wakwaLawrence sibuyisela amahektha angu-84.7 emindenini engu-27, okuhlomula izizukulwane ezingu-127. Lo mhlaba uhlanganisa izindawo ezibalulekile ngokomlando nangokwesiko, ezifana nesonto, isikole kanye nethuna.

Amalungu omphakathi waseNgunjini nawo aveze ithemba lokuthi umhlaba obuyiselwe uzoletha intuthuko ebonakalayo.

USibonisiwe Mgilane uthe ukubuyiselwa kobunikazi bomhlaba kuzophakamisa imindeni eswele.

“Namuhla sijabule kakhulu ukubuyiselwa izitifiketi zethu. Sithemba ukuthi lokhu kuzohlomulisa abantu abampofu emphakathini wethu futhi kusize ukuthuthukisa yonke indawo. Kumele sibambe iqhaza kuyo yonke inqubo,” etshela iSAnews.

Isicelo saseNgunjini, esihlanganisa ngaphezu kwamahektha angu-6 800, sihlomulisa abantu abangaphezu kuka-500 futhi sesivele sidale amathuba emisebenzi kanye nentuthuko yomphakathi ngokubambisana nezinhlelo zezamahlathi. Lesi sixazululo, esilinganiselwa ku-R80 million, sihlanganisa uxhaso lwezimali ngqo emindenini kanye nezinhlelo zesikhathi eside zokuzimela ngokomnotho.

Umphakathi waseSt Paul, ongomunye wabahlomuli abakhulu, ubuyiselwa ngaphezu kwamahektha angu-7 600 alahleka ngenxa yokukhishwa ngenkani phakathi kwawo-1950 no-1960. Lesi sicelo sithinta abahlomuli abangaphezu kuka-1 400 futhi sesivele sisekele izinhlelo eziningi zentsha kanye nokuthuthukiswa komphakathi.

Uhulumeni uthi lokhu kunikezwa akukhulumi nje ngokubuyiselwa kobunikazi bomhlaba kuphela, kodwa futhi kumayelana nokwakha kabusha izimpilo nokukhuthaza ukufakwa kwabantu emnothweni.

Ngaphansi kobuholi bukaNgqongqoshe uMzwanele Nyhontso, uMnyango Wezokulungiswa Komhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya ugcizelele ukubaluleka kokwesekwa ngemva kokuxazululwa kwezicelo, okubandakanya uxhaso lwentuthuko kanye nokubambisana nababambiqhaza bezimboni ukuqinisekisa ukuthi umhlaba uhlala ukhiqiza.

Lo mcimbi, obubanjwe ngesikhathi seNyanga Yamalungelo Abantu, ugqamisa ukuxhumana phakathi kokulungiswa komhlaba nenhloso yomthethosisekelo yokubuyisela isithunzi nokulingana.

Njengoba imiphakathi igubha ukubuyiselwa komhlaba wayo, abaningi bathi umsebenzi wangempela usuyaqala — ukuguqula lo mhlaba ube amathuba aqhubekayo ezizukulwaneni ezizayo, ngesikhathi kugcinwa ifa nobunikazi obake bathathwa kubo. – SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *