
UMNINI, KWAZULU-NATAL – UNGQONGQOSHE woMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoBukhosi (COGTA) KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uchaze INkosi engasekho uPhathisizwe Luthuli njenge “qhawe elikhulu ekuthuthukisweni komphakathi” kanye “nomakhi wobumbano” oguqule impilo yesizwe samaThuli ngesikhathi sokubusa kwakhe iminyaka engu-38.
Ekhuluma ngempelasonto enkonzweni yokumngcwaba ebibanjelwe e uMnini Memorial Primary School Sports Grounds, uMEC Buthelezi uhlanganyele nezinkulungwane zabantu abebethamele inkonzo yokutshalwa lweNkosi ebihlonishwa kakhulu. UNgqongqoshe uthe iNkosi uLuthuli wayengumholi owephula imingcele yesiko ngokusebenzisana nazo zonke izigaba zikahulumeni ukuze aqinisekise ukuthi umphakathi wakhe uthola ingqalasizinda kanye nentuthuko yomnotho emphakathini.
“INkosi Luthuli yayiqonda ukuthi imfundo iyisikhali esikhulu sokulwa nobuphofu,” kusho uNgqongqoshe uButhelezi. “Ifa lakhe libonakala ezikoleni nasekuthuthukisweni esikubonayo namuhla. Wayengumholi onesibindi owakwazi ukuvikela amasiko nesiko lesizwe samaThuli ngesikhathi esifanayo ehambisana nezidingo zomphakathi wanamuhla okhulayo.”
Inkonzo ibihambisana nezinkulumo ezithinta inhliziyo ezivela kubaholi abahlukene, okuhlanganisa noSihlalo we Ndlu yoBukhosi neKhoi-San eThekwini, oncome iNkosi njengomuntu “ogcwele ukuhlakanipha” kanye nomeluleki wamakhosi asemasha.
Enkulumweni yakhe ebalulekile, uNgqongqoshe Buthelezi unxuse amakhosi ukuthi ahloniphe iNkosi engasekho ngokwandisa umzabalazo wokuthi ubuholi bendabuko bunikezwe ngokusemthethweni amandla nemisebenzi yakho. Ugcizelele ukuthi lesi sikhungo kufanele sinikwe amandla asemthethweni ukuze sidlale indima enkulu ekuphathweni nasekuthuthukisweni kwemiphakathi yasemakhaya.
Inkonzo yokutshalwa kweNkosi ubuhanjelwe yizikhulu zikahulumeni ezisezingeni eliphezulu, okubalwa kuzo:
- uMnu Dickson Masemola, iPhini likaNgqongqoshe we-COGTA
- uMnu Mkhuleko Hlengwa, iPhini likaNgqongqoshe WezokuThutha kuzwelonke.
- uMnu Sboniso Duma, uMEC WezokuHlaliswa Kwabantu Nezokuthutha KwaZulu-Natal
- Iso LeSilo uMalusi Zondi, uShansela Wasebukhosini
- uMhlonishwa Cllr Cyril Xaba, iMeya yeTheku
- kanye namakhosi amaningi, izinduna nezikhulu zikahulumeni.

