SHEILA MHLONGO
SiwuBunye Foundation sifisa ukubona inkampani ithuthuka iyaphambili iphinde isabalale nakwezinye izifundazwe njengoba silekelela kakhulu abantu abasha abanamakhono ahlukene abathanda ukuba abalingisi ,abadlala ibhola,abashaya izinkondlo,abamodelayo inhloso yethu ukuthi asifisi ukubona abantu abasha behlezi namakhono abo ekubeni Ubunye Foundation bukhona bungabasiza kumakhono abo uMsunguli walenhlangano ophinde abe umsakazi Wezwi Lomzansi FM Andile Mthembu kuningi akufisela abantu abasha njengoba ephinde ahlele imidlalo ebizwa ngesiyabangena tournament.
Izinhlelo esinazo kulonyaka ukuthi sivakashele izikole zasemakhaya sibheke abafundi abanamakhono ahlukene sibasize ngokubayisa ezindaweni ezahlukene sifisa nokusebenzisana nezinkampani ezahlukene ezingakwazi ukusisiza kwezinye izinto njengoba sibuye silekelelwe iHollywood, Albany,aqualle makukhona izinto esizenzayo siyacela ukuthi noMasipala bekwazi ukulekelela uma sidinga usizo njengoba sithuthukisa intsha.
Into esiyifundile ngonyaka odlule siwuBunye Foundation ukuthi ungazingabazi ngento ofisa ukuyenza ungasabi ungabi novalo kodwa into yakho yenze ngoba baningi abantu abasizakalayo ngaleyonto oyenzayo nanokuthi kuningi esikufundayo masisebenza ngabantu.
Engifisa ukukudlulisa ukuthi mhlaka 15 Feb sizoba neworkshop lapho esihlanganisa khona abantu abathanda ukuba abalingisi mase kuthi ngamaholidi ephasika siba nemidlalo ebizwa nge siyabangena tournament lapho sibheka khona amakhono kwintsha yakwiLembe District Municipality.
Siyatholakala kufacebook uthi ubunye foundation noma Andizo mthembu noma Sikhonzeni Mthembu izinombolo 0623028818 / 0793693509.