Kunezikhalazo ngohlelo lwe-Learnership eMbumbulu olungahambi ngendlela

WONDER NGCOBO

Seluqeda inyanga yesine uhlelo lwe-Learnership  oluqhubekayo eMbumbulu noluhlose ukuthuthukisa intsha ngethuba lokufunda sakuqashwa (learnership). Loluhlelo lwaqala ngo  Okthoba nyakenye, nalapho kwahlomula abantu abasha abangaphezu kwe khulu (100) okumanje bayasebenza ezikoleni, emahholo kanye nasezikhungweni zezinhlangano zomphakathi endaweni yaseMbumbulu.

kwaphinde kwahlomula nezinhlangano zomphakathi ezintathu endaweni okuyizo ezihlanganise abanikazi bohlelo kanye nomphakathi, nakuba uhlelo lwaqala sekudlule isikhathi olwalubekelwe sona, ngenxa njalo yazo izinkinga ezifana nokwehluleka ukufika kwezikhulu ezengamele loluhlelo ngosuku ezabe zilindelwe ngalo kanye nokuphuza ukufika komfaniswano.

Ongumxhumanisi walohlelo nomphakathi ophinde abe ngusihlalo wenye yalezinhlangano eziyingxenye yaloluhlelo uthi, sekube nesikhathi lapho bethola izikhalazo lapho abasebenzi bekhala ngokuthi abakhokhelwe sekwedlule isikhathi obekumele bakhokhelwe ngaso nokwadingeka ukuba bangenelele bathinte ihhovisi nokho yedlula leyo nkinga kodwa lapho konakala khona kakhulu ilapho ihhovisi selikhetha abaholi bamathimu okuyiwo abazoxhumana nawo ngokunjalo nawo adlulise okuphuma kubasebenzi ehhovisi lokho okwakuchaza ukuthi abaphathi bezinhlangano abasangeni ndawo endabeni yabasebenzi nakuba kuyibo abenze konke ukuze kube uhlelo luyaqala. UMnu. Ncikazi ophethe Iphupho uthe abasangeni ndawo kodwa uma sekunezinkinga kudingeka bona ukuba baxazulule lezonkinga uthi ngaphandle kwemali encane eholwa abasebenzi kunemali okumele ngabe bayayithola kodwa baphinde bayithole ngoba sekuqale kwaxatshanwa kuqala.

Umsebenzi ogama lakhe ngu Phumla Makhanya ongu team leader kulomsebenzi uthi kugcwele inkohlakalo kuloluhlelo kodwa kumele uthule wenze sengathi awuboni nje ukuze uzoqhubeka ube yingxenye yohlelo, uthi uyazi ukuthi ngokomthetho kumele ngabe kubasebenzi umuntu uhola imali engango R3 500 ngenyanga kodwa bathola kuphela uR1 500, bese imali engango R2000 wamarandi ingena emaphaketheni abathile, bona kumele bathule njalo. bese kuzoba khona labo abaxoshwayo ohlelweni kodwa amagama abo aqhubeke asebenze bahole ngezingane zabantu sebezixoshile. Uqhube wathi umuntu owazi konke okwenzekayo ngu Simphiwe Xhakaza ongumphathi walohlelo esifundazweni ikwaZulu Natal njengoba naye enenhlangano yakhe eyingxenye yaloluhlelo lapho besebenzisa amagama abantu kodwa abantu bangabizwa ukuzoqala ukusebenza. uthe akanaso isiqiniseko sokuthi bayazi abaphathi benhlangano eGoli kodwa indlela abaziba ngayo uma bebikelwa ngokwenzekayo iyasolisa ukuthi kwabe kuwumgogo ababekelwe wona nje ukuze bezodla imali ngamagama abo, eMlazi kuke kwasuka umsindo kubangwa yona lento yokubhalisa amagama abantu kodwa kusebenze abanye abantu njengoba nakhona eMbumbulu sekuke kwacishe kwatelekwa ngenxa yalokhu kodwa babuye bayilungisa.

Ngikholwa ukuthi kunomuntu ofaka uSimphiwe kulomkhuba, ngoba omunye usisi ohlala ngase maweleni naye onenhlangano ekuloluhlelo ake wazama ukuphoqa ukuthi izinhlangano zaseMbumbulu zibike kuye okuyinto adume ngayo lapho kuthiwa ushintshashintsha amagama abantu afake abantu abasuke bemkhokhele imali eceleni nokwathi abaphathi bethu uma benqaba waduba emva kwalokho kwavela indaba yama team leader evalela ngaphandle abaphathi bezinhlangano ukuze bezokwazi ukwenza umathanda kithina ngoba bazi ukuthi sincenge umsebenzi, kuphetha uPhumla.

Kanti ke loluhlelo selusalelwe zinyanga ezimbili nje vo ngaphambi kokuthi luphothulwe endaweni yaseMbumbulu, bese kulindwa ihlandla lesibili njengesethembiso sokuthi uma luphothulwe kahle luzobuyela khona futhi njengo (phase 2) esingazi ke noma kusazokuba njalo yini njengoba kunezikhalo ezingaka ngabaphathi nje.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *