UMengameli we ANC wethembise ukuthi basazoqhubeka nokwenza ngcono ezomnotho nasemuva kokhetho

UMengameli weAfrican National Congress (ANC) uMnu Cyril Ramaphosa wenze isethembiso sokuthi iqembu lakhe lisethenjwa abantu bakuleli futhi bazoqhubeka nokwenza ngcono isimo sezomnotho ngisho eminyakeni emihlanu ezayo. Lokhu uRamaphosa ukusho ngesikhathi ethula iManifesto yeANC phambi kwezihlwele ebezigcwele ziphuphuma eMoses Mabhida Stadium, eThekwini,ngoMgqibelo womhlaka 2 Febhuwari 2024.

Continue reading

Amaqembu aphikisayo ayifanise nomkhankaso wokugaya ivoti  inkulumo kaMengameli uRamaphosa

UMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa kulonyaka wesihlanu okungowokugcina kwihlandla lakhe, okuphinde kuqondane neminyaka engamashumi amathathu (30) lelizwe lathola inkululeko,wethule inkulumo yakhe ngoLwesine kusihlwa ngehora lesikhombisa kuwumhlaka 8 Febhuwari 2024, eCapeTown, lapho evezele khona isizwe isithombe ngakho konke osekwenziwe uhulumeni ngaphansi kweqembu leAfrican National Congress (ANC).Kanti nezingqinamba ezikhungethe izwe nazo akazishiyanga ngaphandle.

Continue reading

Sizolalelwa ngenyanga ezayo isicelo seANC sokuphikisa ukusetshinziswa kwegama leMK

Ngokodaba olucashunwe ekhasini le-website ye SABC,luveza ukuthi luzolalelwa enkantolo yezokhetho eseBloemfontein, ngomhlaka 19 Mashi 2024, udaba olusezithebeni zenkantolo olufakwe iqembu le African National Congress (ANC) oluphikisa ukusetshenziswa kwegama okuqanjwe ngalo iMK Party, njengeqembu lezepolitiki, ekubeni yona iANC, uMkhonto Wesizwe iwuthatha njengophawu lomlando wayo.

Continue reading