Amaqembu aphikisayo ayifanise nomkhankaso wokugaya ivoti  inkulumo kaMengameli uRamaphosa

SHEILA MHLONGO

UMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa kulonyaka wesihlanu okungowokugcina kwihlandla lakhe, okuphinde kuqondane neminyaka engamashumi amathathu (30) lelizwe lathola inkululeko,wethule inkulumo yakhe ngoLwesine kusihlwa ngehora lesikhombisa kuwumhlaka 8 Febhuwari 2024, eCapeTown, lapho evezele khona isizwe isithombe ngakho konke osekwenziwe uhulumeni ngaphansi kweqembu leAfrican National Congress (ANC).Kanti nezingqinamba ezikhungethe izwe nazo akazishiyanga ngaphandle.

Konke kuqale kanhle kodwa iqembu le-Economic Freedom Party lona belingekho lokhu okwenze ukuthi konke kuhambe kahle ngaphandle kokubambezeleka okuvame ukwenziwa ilona iqembu le-EFF ngokuthikameza oMengameli kusukela ngesikhathi sika Mnu Jacob Zuma kuze kube manje ngesikhathi sika Mnu Cyril Ramaphosa.

Kuzokhumbuleka ukuthi iqembu le-EFF liye ladikila ukuzoba ingxenye yokuzolalela inkulumo kaMengmeli yokuvula iPhalamende, ngenxa yokuthi beseka ozakwabo abayisithupha abatholakala benecala lokuphazamisa inkulumo kaMengameli yanyakenye.

URamaphosa ugqamise okuhle osekwenziwe uhulumeni kuleminyaka engu-30 selokhu elakuleli lazuza inkululeko, lapha sibala izinto ezazingekho ngesikhathi sikahulumeni wobandlulo,njengoba  iningi labantu selihlomule ngezindlu,amanzi, ugesi, ingqalasizinda efana nemigwaqo, amathuba angcono emfundo, amathuba emisebenzi okukhona phakathi kwawo abantu ababalelwa ku 1 million abasebenza ezikoleni ezibalelwa ku 23,000 abathole imisebenzi yokuba abasizi bothisha ezikoleni, iningi labantu elithola izibonelelo zikahulumeni, abadala, izingane, kanye nabangasebenzi abathola uR350, kanye nokunye.

URamaphosa uqhube wathi nakuba kukuningi osekwenziwe uhulumeni kaANC kodwa futhi uyaziqonda izingqinamba ezikhungethe elakuleli ezifana nenkinga kagesi kanye namanzi ngokunjalo nokwehla kwezinga lomnotho okuhambisana nokuncipha kwamathuba omsebenzi kodwa uhulumeni wakhe uphezu kwemizamo yokulungisa konke lokhu.

Eqhuba uMengameli ubale nodaba lokubhozonyelwa koMbuso wathi lwenze umonakalo omkhulu  kuhulumeni kanye nezwe kodwa sekukuningi okwenziwe ukulungisa umonakalo.

Udaba  lwezibhelu zango Julayi -2021 nalo lwenza umonakalo kodwa wancoma abantu bakuleli ngokubambisana bangavuma ukuthi izwe labo licekelwe phansi abantu abanezinhloso zabo.

Mayelana nezinkinga ezadalwa ubhubhane lweCovid-19 eyadlula nemiphefumulo yabantu eminingi yadala nokuphazamiseka kwesimo somnotho kuleli okube nomthelela ongemuhle kubantu bakuleli.

Okunye akubalile uRamaphosa ezinkingeni zakuleli, udaba olusematheni lodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane athe luseyinkinga enkulu kodwa akhona amasu okulwisana nakho nakuba umphakathi nawo kumele ubambisane ukuze siphele lesihlava.

Okunye okuzwakale kahle enkulumweni kaMengameli kwamanye amaqembu udaba lomshwalense wezempilo (NHI) athembise ukuthi bazoyifaka kancane kancane kuleli ukuze abantu bathole ezempilo ezifanayo.

Emuva kokuthi uMengameli wezwe uMnu  Cyril  Ramaphosa ethule inkulumo yesizwe (SONA) yokuvula iPhalamende, amaqembu aphikisayo akazange achithe isikhathi ehlaba ukuthi yonke inkulumo kaMengameli  ifana nse nokuthi ubezigayela ivoti leqembu lakhe leANC. “Akuzange neze kusimangaze ukulalela inkulumo kaMengameli ngoba sibonile nje ukuthi ubekhankasela iqembu lakhe njengoba kuza ukhetho kulonyaka”. Kusho  amaqembu aphikisayo nokwehlukana kwawo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *