Iqembu leNkatha Feedom Party limemezele ukwethulwa kwemanifesto yalo ngomhlaka 10 Mashi

SHEILA MHLONGO

Iqembu leNkatha Freedom Party (IFP) selikhiphe isitatimende elisibhekise kwabezindaba lapho limemezela khona usuku elizobamba ngalo iManifesto yalo eyobe ingeSonto lomhlaka 10 kuMashi 2024..

“Siyiqembu le-Inkatha Freedom Party elingelesine (4)ngobukhulu lapha eNingizimu Afrika futhi iliyiqembu eliphikisa ngokosemthethweni lapha KwaZulu-Natali, liphinde lengamele ukubuswa komosipala abaningi khona lapha eKZN, kuyasithokozisa ukumemezela usuku lokubamba iManifesto ka 2024 yokhetho lukazwelonke, kanye nolwezifundazwe, oluyobe lungomhlaka 10 Mashi 2024 eMoses Mabhida Stadium,eThekwini, kusukela ngehora leshumi (10) ekuseni.”Kusho isitatimende.

Siqhuba isitatimende sithi, iManifesto yeqembu izobe imayelana nezinqumo ezithathwe enkomfeni yalo elisanda kuyibamba, lapho liqhamuke khona namasu azosiza iNingizimu Afrika kanye nokuyibeka phambili, kuphinde kube amasu acacisa ngokusobala indlela iqembu elizokwenza ngayo ukulungisa izinkinga eziningi ezikhungethe elakuleli.Lokhu iqembu liyobe linika abavoti ithuba lokuvotela ubuholi  obuzosebenza ngobuqotho liphinde libeke phambili ubuholi obuqotho ukuhlonipha umsunguli walo uPrince Mangosuthu Buthelezi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *