NKOSIE NTOMBELA
Iqembu laseNingizimu yeTheku iVultures leNetball lidle umhlanganiso kwindebe ebidlalwa ngosuku lokugubha amasiko eMnini Sports Centre mhlaka 23 September 2023.
Lomqhudelwano obizwa nge Sports in Our Culture ohlelwa iMpumzee Netball ngokubambisana nePapa’s Hope odlalwa minyaka yonke.
Lo mqhudelwano ubunamaqembu ayisishagalolunye kulonyaka kuhlanganisa amaqembu avela ezindaweni ezakhele iTheku okungamaqembu ebhola lomnqakiswano ase eChastworth, Folweni, Mlazi naseMgababa.
UMgqugquzeli weNhlangano kuphiko lwezemidlalo uSphamandla Mbambo unabe kabanzi ngokubaluleka kwezemidlalo “Yize kube nezinselelo ezithile kodwa umqhudelwano ube yimpumelelo enkulu sibonga wonke ama amaqembu akwazile ukuba ingxenye sibongele elinqobile kulomgqudelwano” kuphetha uMnu Mbambo
Intokazi esencane ebukeka inekusasa eliqhakazile kwibhola lomnqakiswano uNaledi Mdubeki weVultures yaseMlazi ubengumdlali oqavile osukwini wahlabana ngendodo yePlayer of The Tournament.
Evala sekuklomeliswa ngezindondo uPapa Luthuli ongusihlalo wePapas Hope ubonge wonke amaqembu wasebonga kakhulu abe Mpumzee Netball Club okuyibo abasebenzisane nabo ekuhleleni lemidlalo ngempumelelo.


