NKOSIE NTOMBELA
Izinkunzi Zase Soweto okuyizo ezivikela isicoco sendebe ye MTN8 I Orlando Pirates izobhekana neqembu leMamelodi Sundowns kowamanqamu. Amathikithi e MTN8 aseyatholakaka ezitolo njengoba umdlalo wezinkuzi zaseSoweto noshampeni be PSL iMamelodi Sundowns uzoba ngoMgqibelo womhlaka 7 October 2023 eMabhida Statdium eThekwini
Yize noma ezikamagebhula zingene ngembobo yenaliti kowamanqamu emva kokuba zanqoba kumlenze wokuqala ngo 2-1 ivakashele iStellenbosch FC kwathi kowesibili obudlalwa ngesonto mhlaka 24 I Stellenbosch FC sinqobe ngo 1-0 kodwa ezimnyama zadlulela phambi ngokuthi zakora amagoli amabili ekuhambeni yasidlulela kowamanqamu.
Iqembu leMamelodi Sundowns liguqise iKaizer Chiefs njengoba selingene kowomkhumulajezi we MTN 8.
Ekhuluma nabezindaba uThandi Merafe we Orlando Pirates emva kokunqoba uthe “kuyathokozisa ukuthi bazodlala neqembu leMamelodi Sundowns eMabhida Statdium ucela abalandeli baphume ngobuningi babo bezobona ezikamagebhula ziqukula indebe ye MTN”

