
Sanbonani bantu bakithi . Sizwe sakithi ikakhulu thina abantu abasha ngicela ukukhuthaza . Masibahlonipheni abazali . Okunye okwenza zingasihambeli kahle izinto kungalungi lutho empilweni zinyembezeli zabazali . Ngisho noma bengakasho lutho bekhalela ngaphakathi iynyembezi zabo ziyawaletha amabhadi kobakhalisile . Umzali wakho unguNkulunkulu wakho wasemhlabeni , ukumhlonipha kwenza ibelula impilo yakho nokumlalela kwenza uphephe nasezingozini . Mabahlonishwe abazali ngisho bengakholwa wena ukholwa bahloniphe ngoba ayikho inkolo engaphezu komzali .
Obhalayo umfundisi Katlego Nare

