Ubeyiqhawe uSipho Chain kunqoba ezimnyama kweye MTN 8

NKOSIE NTOMBELA

Umdlali we Orlando Pirates osanda kuba kuleliqembu umangaze izihlwele ebezigcwele inkundla I Moses Mabhida ngomhlaka 07 October 2023 kowamanqamu e MTN.

Lo mdlali ongowokuzalwa e Free State ukhombise ukuba namava ngesikhathi iMamelodi Sundowns ihluleka ukushaya igoli kwaze kwayiwa kumzuzu owengeziwe.

USipho Chain ubageze igilo abadlali kwinkundla ebigcwele phama ebamba amaphenathi amathathu kulandelana kwangena eyodwa kuphela okugcine Orlando Pirates inqoba ngamathathu kwelilodwa ( 3-1) sekushawa amaphenathi.

Ekhuluma nabezindaba uSipho Chain obengumdlali ovelele uthe “ kubengumusa kaNkulunkulu nokusebenza kanzima okungibeke la ngibonga kakhulu nabalandeli beBhakabhaka abaphume ngobuningi babo kokunqoba kusho lukhulu kuyena “

Lendebe ye MTN 8 ihambisana nezigidi eziyisishayagalombili okuyihlandla lesibili kulandelana inqoba lendebe I Orlando Pirates.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *