UNDUNANKULU WAKWAZULU-NATAL UBONGA OMPETHA WE-MTN 8, I-ORLANDO PIRATES

ISITHOMBE: uNdunankulu waKwaZulu Natali uNkkz Nomusa Dube-Mncube

UNdunankulu  waKwaZulu-Natal  uNomusa Dube-Ncube, udlulise umyalezo wokuhalalisela i-Orlando Pirates ngokuvikela ngempumelelo indebe yeMTN8.

Ngemuva kwemizuzu engu-120 i-Orlando Pirates inqobe ngo 3-1 ibhekene neMamelodi Sundowns sekukhahlelwa amaphenathi. “Sibiza iPirates neSundowns ngamaqembu eStar Alliance ngesizathu, njengoba kuyiwo kuphela amaqembu aseNingizimu Afrika asenqobe i-Africa Champions League,”Ngiyajabula   ompetha beMTN8, i-Orlando Pirates, ngokunqoba kwabo okubafanele.I-MTN8 iwumqhudelwano ohlonishwayo, futhi iwubufakazi bokusebenza ngokuzikhandla nokuzinikela kwabadlali, abaqeqeshi nabasebenzi be-Orlando Pirates ukuthi bakwazile ukuphakamisa indebe.Iqembu lidlale ngekhono elikhulu nangokuzimisela kulo lonke umqhudelwano futhi bekufanele banqobe.

kowamanqamu. USipho Chaine udle umhlanganiso ngokuvimba amaphenathi amathathu eSundowns,” kusho uNdunankulu uDube-Ncube.

UNdunankulu uphinde wahalalisela iSundowns ngokukhombisa isibindi nokumelana nomdlalo wonke.umdlalo wamanqamu udlalwe ngobusuku obunomoya eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngomhlaka 7 October 2023.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *