
OWAMI THABETHE
Kwethulwe ngokusemthethweni umcimbi wokumbulwa komfanekiso seSilo uShaka osekunesikhathi eside ulindelwe,ukuthi wenzeke, lomcimbi ubusingethwe nguHulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natali ngaphansi kobuholi bukaNdunankulu uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli, ngokubambisana noHulumeni kaZwelonke kanye neNdlunkulu kaZulu.
Lo mcimbi oyingqophamlando ubuhlonipha iSilo uShaka kaSenzangakhona, umsunguli wesizwe samaZulu, umbono wakhe nobuqhawe bakhe kwezempi kwakha imibuso esabekayo eNingizimu ne-Afrika.
Lelitshe lesikhumbuzo lizaemva kokuthi lathola ukugxekwa kwangaphambilini mayelana nomfanekiso wokuqala we Silo uShaka abanye abebekholelwa ukuthi ihlanekezela yena nefa lakhe. Lo mfanekiso omdala, wagxekwa ngokuthi uveza “umalusi” womfanyana esikhundleni somholi wamaZulu owayehlonishwa owasungula isizwe samaZulu.
Kulo mcimbi uMengameli Cyril Ramaphosa ugcizelele ukubaluleka kwalo mcimbi, wawubungaza usuku olubalulekile lapho kuphakanyiswa udumo lweSilo uShaka .“Umsunguli wesizwe samaZulu wayeyiqhawe, elihlanganisayo, engumholi ovelele, nomakhi wesizwe. Umoya wakhe awukafi kulo mfanekiso,” kusho uRamaphosa.
“Sizowaphakamisela phezulu amaqhawe ethu. Sizoqamba imigwaqo nezakhiwo zethu ngamagama azo, sibhale izincwadi ngazo, senze izinhlelo zethelevishini ngazo, simise izithombe ezibahloniphayo. Lokhu sikwenza ngoba la maqhawe amele umlando wethu,”kuchaza eMengameli.
ISilo uMisuzulu kaZwelithini Zulu sengeze kulo mcimbi obalulekile, simemezela ukuthi igama elithi “Ingonyama” noma “Isilo uShaka kaSenzangakhona” livusa ukuzigqaja nobumbano phakathi kwesizwe samaZulu.
“Namhlanje sihlangene ngenhloso yokuhlonipha iSilo uShaka kaSenzangakhona nefa asishiyela ukubumba isizwe samaZulu, abantu bakuleli, kanye nezwekazi lonke,” kusho iSilo uMisuzulu.

