MINENHLE MHLONGO
UPhilile Doyisa imbongi yobuciko ozinze endaweni yaseMlazi kaY ePhilani.Ufisa ukudlulisa ukubonga okukhulu kumaspala weTheku ngokubanikeza ithuba lokuveza ubunyonicho nobuchule babo njengabayahi bezinkondlo abasafufusa.
“UMaspala usinikeze ithuba eliyingqayizivele siyintsha lokuveza amakhono ethu kulendima yezobuciko, abaningi bayangazi ku facebook kanti neciko elikhulu esijwayele ukulibona kumabonakude u Nomzamo Mbatha uye owangigqugquzela njengoba wayeke enze ama workshop e ICC youth summit eyagcina ngonyaka ka 2018 eThekwini ngezimo zokuthi uNomzamo uhlezi ematasa” .
“Kuningi kakhulu engikuzuzile nengikufundile kuye njengokuthi nanoma uphuma kuphi kodwa uyakwazi ukufika ezindaweni eziphezulu.Okunye ngiyathanda ukubonga kakhulu ngethuba ngoba sithenjiswe nokuthi noma ungasawinanga kulomcintiswano kodwa uzovuleleka amathuba amaningi ka maspala weTheku, hlezi umuntu azibone eseyisibonelo esihle emphakathini njengeciko akhule adlondlobale afeze izifiso zakhe”. Kuphetha uPhilile.

