Imbokodo izoshikisha ufudu eThekwini kwi Mbokodo Festival

Iziqwe productions inkampani eyenza imicimbi yezinto ezehlukahlukene kwezasesiteji kanye nemisebenzi yezandla, ezinzeKwaZulu Natali. Ithimba labahleli balomcimbi ngabantu asebemnkantsha ubomvu, nabaziwayo ngokuhlela imicimbi esezingeni eliphezulu lapha eNingizimu Africa kanye nangaphandle.

Inhloso enkulu ngale Festival yezimbokodo, ukuthi iphakamise amakhono, iqhakambise negalelo labesimame kulomkhakha. Kuzobe kuboshelwe osaziwayo bodwa ukuletha umculo wesintu nowokholo.

Enye inhloso ngalomcimbi kuyikho ukubonisa inhlonipho kubantu besifazane nokulingana okukhona kulomkhakha.

Abeze abantu ngobuningi babo bazobona, u Dr. Buselaphi, Dr. Zee Fola, Thobekile, Fikile Mlomo kanye noVumile Mngoma. Uhlelo luyobe luphethwe iNdlovukazi uMapule Mchunu, we iNanda FM.

Umcimbi uhlelelwe ukuthi wenziwe endaweni lapho abantu abaningi bengakwazi ukufinyelela khona kalula.

Amathikithi aseyatholakala e web tickets, ngo R200.00

Indawo yomcimbi: Ethekwini Community Church, ku Anton Lembede Street (Smith Street)

Umcimbi uqala ngo 6 ntambama

Ngeminye imininingwane abantu bangathintana noKhethabahle Mthethwa kulenamba: 072 028 6662

Mpume Ngunelihle

TO WIN TICKETS – a short article with the poster  (may be a follow up from the first publication).

Uma ungathanda ukuziwinela ithikithi lokuya kulomcimbi, thenga elakho sikunike elinye mahala lokuza nomngane ngalo usuku. Bonisa ithikithi osulithengile, kulenombolo: ……..

Abawine amathikithi bayomenyezelwa …….., kulo leliphephandaba

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *