SHEILA MHLONGO
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uhlabe isenzo sokubulawa kuka khansela Nhlalayenza Ndlovu obesebenza ngaphansi kweqembu le DA kuMasipala wase Mngeni. UDube Ncube lokhu ukusho esitatimendeni esikhishelwe abezindaba ngoLwesithathu lomhlaka 6 Disemba 2023.
Ngokwesitatimende sithi ukhansela Ndlovu udutshulwe, ebusuku, ngoLwesibili lomhlaka 5 Disemba esemzini wakhe elokishini laseMpophomeni phambi kwezingane zakhe.UDube Ncube unxuse ukuthi amaphoyisa enze konke okusemandleni ukubamba abophe ababulali.
UDube-Ncube uthe angeke bakuvumele ukuthi isifundazwe saKwaZulu-Natali siphenduke sibe inkundla yokubulawa kwabantu ikakhulukazi ukubulawa kosopolitiki kanye nabaholi beNdabuko, ngoba lokhu kufana nokuhlasela isizinda esihlanganisa umphakathi.weleka ngokuthi abaholi kumele banikezwe indawo yabo nesikhathi sokwenza umsebenzi wabo ngemuva kokhetho.