IMKP ivakashele iClaredon Home Centre ukugubha uSuku loMama eThekwini, e-Albert Park ward 32

Izithombe MkP sivakashelwe ekhaya laba Khubazekile e Claredone

NOMTHANDAZO MAGOSO

NgoSuku loMama Mahlaka 10 May 2026  i-MK Party yaku ward 32 ivakashele e-Claredon Home Centre,e-Albert Park, eThekwini, ukuhlanganyela nabantu abaphila nokukhubazeka emcimbini ogcwele uthando nokunakekela.

Umcimbi obuhlelwe ngaphansi kwesiqubulo  seHigh-tea and -scones, lapho amalunga eqembu ahlangane khona ekuseni kanye nabangomama abahlala kuleli khaya ukwabelana ngengxoxo, ukuhleka, nokubonga indima yabo emindenini nasemphakathini. bekungelona usuku lokudla kuphela, kodwa lube yithuba lokukhumbula ukuthi bonke omama bafanelwe ukuhlonishwa nokuthandwa, kungakhathaliseki isimo sabo.

Njengxenye yokubungaza, i-MK Party yenze ukudluliswa kwezinto ezisiza abomama uma beya ezinsukwini zabo (pads) lawa esimanje okwazi ukuwawasha ubuye uligqoke, itiye lokuhlanza umzimba (detox tea), izicathulo zokulala ezifudumalayo ukusiza ukubhekana nobusika obusondelayo eThekwini. Lokhu kwenziwa ngaphansi komqondo othi “ukufudumeza ngothando” – ukuthi ukunakekela akusho nje ukunika impahla, kodwa nokukhombisa inhliziyo efudumele.

Umoya wosuku ubugcwele umculo othambile, imithandazo, nezinkulumo ezigqamisa ukubaluleka komama emphakathini.Abanye bomama bakhuluma ngenjabulo yokungakhohlwa nokubonwa, bathi lesi sikhathi esibenza bazizwe bebalulekile futhi beyingxenye yomphakathi.

I-Claredon Home Centre yaziwa ngokunakekela abantu abaphila nokukhubazeka ngesithunzi nothando. Ukuba khona kwe-MK Party kule ndawo kube wuphawu lokuthi izindaba zabantu abavame ukunganakwa kufanele zibe phambili, ikakhulukazi ezinsukwini ezifana noSuku loMama.

Umcimbi uphele ngamazwi okubonga kwizivakasgi kubaphathi base Claredon ngokubavumela ukuba bazobungaza kulelikhaya elihlala abantu abakhubazekile nakubahlali, begqamisa ukuthi ukuhlonipha omama kusho ukwakha umphakathi onozwela futhi ohlangene.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *