Intsha kumele ibheke amathuba emfundo ahambisana nesikhathi samanje.

Intsha yanamuhla kuzomele ibhekisise amathuba emfundo ahambisana nesikhathi samanje, ikakhulukazi kulesikhathi se Fourth Industrial Revolution (4IR). Lokhu kumele ikwenze kusukela emabangeni aphansi ingalindi kuze kufike emabangeni emfundo ephezulu.

Kudala abantu abasha babebukela kubantu abangaphambili kwabo ngokwemfundo bese nabo benza izinqumo zabo ngoba bebona umzali ephumelele ngomsebenzi awenzayo okungaba owobuthishela, umhlengikazi, umabhalane, iphoyisa, udokotela, isocial worker, noma intatheli.

Manje ke isikhathi sishintshile ngoba baningi kakhulu abantu abafundile abahlezi emakhaya abanezitifiketi kanye neziqu zalokhu engikubale ngenhla kanye nokunje. Ngakho ngaphambi kokubhalisela imfundo ephakeme, muntu omusha ake ubheke kuqala ukuthi imaphi amakhono ashodayo ezimbonini, ukuze ungafundeli ize.