
Ibhokisi lakwa IEC elisetshenziswa lapho kuqhubeka uhlelo lokuvota
SHEILA MHLONGO
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnu Velenkosini Hlabisa, uthe uhulumeni useqalile ukuqinisa kakhulu amalungiselelo okhetho loHulumeni baseKhaya lwango-2026 oluhlelelwe umhla ka-4 Novemba 2026.
Ethula Isabelomali sango-2026/27 soMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ePhalamende ngoLwesithathu, uHlabisa uthe seziphothuliwe izigaba ezibalulekile ukuqinisekisa ukuthi ukhetho luhamba kahle ngaphandle kwezinkinga.
Lokhu kubandakanya ukusungulwa kweKomidi LoNgqongqoshe Elibhekele Ukhetho Lomasipala, ukuqedwa kokunqunywa kwenani lamakhansela, ukuhlukaniswa kwezigceme ezingu-4 488 ezweni lonke, kanye nomsebenzi oqhubekayo wokubhalisa abavoti owenziwa yiKhomishini Yokhetho yaseNingizimu Afrika.
UHlabisa uthe uhulumeni uzimisele ukuqinisekisa ukuthi ukhetho luyahambisana nemigomo yentando yeningi futhi luthole ukwethenjwa umphakathi.
“Umgomo oyinhloko osiholayo ulula: ukhetho kumele lube olukhululekile, olunobulungiswa, oluthembekile futhi olungenasici,” kusho yena.
UNgqongqoshe uthe amalungiselelo ayaqhubeka kahle ngokubambisana phakathi kweminyango kahulumeni kanye neziphathimandla zokhetho ngaphambi kokhetho lomasipala oluzobanjwa ezweni lonke.
Uphinde wagcizelela ukuthi omasipala abasebenza kahle babalulekile ekwakheni umbuso osebenzayo, exwayisa ngokuthi izinhlaka zikahulumeni basekhaya azikwazi ukusebenza kahle lapho ukuqashwa kwenziwa ngendlela engalungile, ubuholi bungazinzile futhi ukungabikhona kokuziphendulela kudlangile.
Ngakho-ke, uhulumeni uqinisa ukuqashwa kwabantu abanamakhono afanele, ukuhlelwa ngobungcweti kokuphathwa komasipala, izinhlelo zokuhlola ukusebenza, kanye nobuholi obunesimilo.
UHlabisa wethule isabelomali esihlangene esingu-R423.4 billion soMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu sonyaka wezimali ka-2026/27. Kulesi samba, u-R422.5 billion ubekelwe Ezokubusa Ngokubambisana, kanti u-R900 million uzoya Ezindabeni ZoMdabu.
Izinguquko Ezindabeni ZoMdabu
Mayelana Nezindaba ZoMdabu, uHlabisa uthe uhulumeni uyaqhubeka nokubhekana nesinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo ngomthetho iTraditional and Khoi-San Leadership Bill ka-2025, osewethuliwe ePhalamende.
NgoJuni nyakenye, uNgqongqoshe wamukela isinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo sokwelula ukusebenza koMthetho weTraditional and Khoi-San Leadership Act (TKLA) ngeminyaka emibili eyengeziwe ukuze kube nesikhathi esanele sokuphothula umthetho ozowuthatha indawo yawo.
“Inqubekela phambili iyenziwa futhi ekuqashelweni kwemiphakathi yamaKhoi-San; ekuqiniseni ukubusa ngokwesintu; nasekuhlanganiseni ubuholi bendabuko ezinhlelweni zentuthuko,” kusho uNgqongqoshe ngoLwesithathu.
Mayelana nokusokwa kwesintu, uNgqongqoshe uthe uhulumeni usazimisele ukuqinisekisa ukuthi akubikho kushona kwabantu okuhambisana nale mikhuba, egcizelela ukuthi akukho siko okufanele lidale ukulahleka kwempilo.
“Siqinisa imithetho, ukuqinisekisa ukuthi iyalandelwa kanye nokuziphendulela. Siphinde sibheke nezijeziso zomthetho eziqinile kulabo abenza budedengu,” kusho uHlabisa.
UHlabisa uthe uhulumeni uyaqhubeka nokuqinisa indima yobuholi bendabuko ekuphathweni kwezwe ngokubabandakanya ezinhlelweni zentuthuko, ukubambisana okuhlelekile nomasipala kanye nokuhambisana neWhite Paper ebuyekeziwe.
“Intuthuko ezindaweni zasemakhaya ngeke iphumelele ngaphandle kwalobu budlelwano,” kusho yena. – SAnews.gov.za

