
SHEILA MHLONGO
UNgqongqoshe wezeziMali KwaZulu-Natal, uFrancois Rodgers, wethule uMthethosivivinywa Wentela Yemidlalo Nokubheja waKwaZulu-Natal ka-2026 (KwaZulu-Natal Gaming and Betting Tax Bill, 2026) phambi kweSishayamthetho sesiFundazwe, ehlongoza uhlaka lwentela olwenziwe lwahambisana nezikhathi zanamuhla oluhlose ukuqinisa ukuqoqwa kwemali engenayo, ukukhulisa ukubonakala nokusobala kwezinhlelo zezimali, kanye nokuthuthukisa uguquko embonini yemidlalo nokubheja.
Lo mthethosivivinywa ohlongozwayo uhlose ukuhambisanisa uhlelo lwentela yemidlalo nokubheja lwesifundazwe nemithetho kazwelonke, ngesikhathi wethula uhlelo oluhlelekile lwezintela nezimali ezikhokhwa abasebenzi nabanikazi bamalayisensi kulo mkhakha.
Imali ezotholwa ngalolu hlelo izofakwa esiKhwameni Sezimali Sesifundazwe (Provincial Revenue Fund) futhi isekele izinhlelo eziqondiswe ekuguquleni nasekuthuthukiseni lo mkhakha ngeSikhwama Sokuguqulwa Kwemboni Yemidlalo Nokubheja (Gaming and Betting Transformation Fund).
Ethula lo mthethosivivinywa ngoLwesine, uRodgers uthe lezi zimali ezihlongozwayo kulindeleke ukuthi zikhiqize phakathi kuka-R50 million no-R100 million ngonyaka, okuzosetshenziselwa ukukhuthaza ukubamba iqhaza okubandakanya wonke umuntu kanye nentuthuko esimeme embonini.
Lo mthethosivivinywa futhi uhlinzeka ngokuthi imali etholakala enteleni yemijaho yamahhashi iphinde itshalwe ekuthuthukisweni komkhakha wezamahhashi, kugxilwe kakhulu emijahweni yamahhashi yesintu eyaziwa ngokuthi “Umtelebhelo.”
Ngokusho kukaRodgers, lolu hlelo luzosetshenziswa ngokuhambisana noHlelo Oluyinhloko Lokuthuthukisa Imboni Yezamahhashi KwaZulu-Natal (KwaZulu-Natal Equine Industry Development Masterplan), oluhlose ukukhuthaza ukukhula komkhakha, ukudala amathuba emisebenzi kanye nokuqinisa ukubamba iqhaza kwemiphakathi yasemakhaya.
“Lo Mthethosivivinywa uyisinyathelo esibalulekile ekuqiniseni uhlaka lwethu lwemali engenayo ngesikhathi ukhuthaza ukulingana, uguquko kanye nokukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu. Uqinisekisa ukuthi imikhakha ebalulekile, okubalwa kuyo nowezamahhashi, iyasekelwa ngendlela ezuzisa yonke imiphakathi yaKwaZulu-Natal,” kusho uRodgers.
Uhulumeni wesifundazwe uphinde wanxusa iziphathimandla zikazwelonke ukuthi zisheshe ziphothule umthetho olawula ukubheja nokugembula nge-inthanethi, eveza ukuthi lo mkhakha unamandla amakhulu okungenisa imali.
KwaZulu-Natal ikholelwa ukuthi imali engenayo evela ekugembuleni nge-inthanethi ingadlala indima enkulu ekunciphiseni ingcindezi yezinkinga zenhlalo nezomnotho ezibhekene nesifundazwe kanye nezwe lonke. – SAnews.gov.za

