UMeya weTheku wethule izikhungo zokuthuthukisa imiphakathi yase Lovu neyase Craigiburn

ISITHOMBE: IMeya yoMkhandlu waseThekwini, uKhansela Cyril Xaba, ivule ngokusemthethweni izikhungo ezimbili ze-Human Capital Centres of Excellence eCraigieburn nase-Illovu eningizimu yeTheku. Lezi zikhungo zinikeza intsha ukufinyelela kwamahhala kwi-inthanethi, zizihlomise ngamakhono edijithali futhi ziyivulele amathuba okuzithuthukisa.

SHEILA MHLONGO

Intsha kanye nemiphakathi yaseCraigieburn nase-Illovu eningizimu yeTheku isingena esigabeni esisha sethemba namathuba kulandela ukwethulwa kwezikhungo ezimbili ze-Human Capital Centres of Excellence nguMeya weTheku, uKhansela Cyril Xaba.

Lezi zikhungo zethulwe namuhla, mhla zi-3 kuJuni, ngesikhathi seNyanga Yentsha, futhi ziwuphawu olungaphezu kokufinyelela esigabeni esibalulekile. Zimele ukuqala kwesahluko esisha emiphakathini ebese inesikhathi eside ibhekene nezinselelo zokungasebenzi, ububha kanye nokuntuleka kwamathuba.

Njengoba intsha eningi ibhekene nezithiyo ekutholeni imfundo, amathuba omsebenzi kanye nokufinyelela kwezobuchwepheshe bedijithali, izikhungo zaseCraigieburn nase-Illovu ziwumthombo wethemba elisha nekusasa elingcono.

IMeya uXaba ithe lezi zikhungo zizodlala indima enkulu ekuhlomiseni intsha ngamakhono edijithali kanye namathuluzi adingekayo ukuze ikwazi ukubamba iqhaza ngempumelelo emhlabeni osushayelwa kakhulu ubuchwepheshe.

Uqhube wathi: “Ngalesi sikhathi lapho imindeni eminingi ibhekene nezinselelo zomnotho, lezi zikhungo zizohlinzeka ngomsebenzi obalulekile ngokunikeza ukufinyelela kwamahhala kubuchwepheshe kanye ne-inthanethi emphakathini, ngaleyo ndlela kuncishiswe isidingo sokuthi izakhamuzi zihambe amabanga amade ziyofuna lezi zinsiza.”

Lezi zikhungo ziyingxenye yenethiwekhi ekhulayo yezikhungo zobuhle ezingu-34, ezihlinzeka ngamathuluzi edijithali, izinhlelo zokuthuthukisa amakhono, ukwesekwa kosomabhizinisi kanye namathuba okuhola emikhakheni yemisebenzi ehlukahlukene.

Lezi zikhungo zesimanje zinezindawo zokufundela amakhompiyutha ezisezingeni eliphezulu, i-Wi-Fi yamahhala esheshayo kanye nokufinyelela ezinkundleni zobuchwepheshe bedijithali, okuvula amathuba amakhulu entuthuko yamakhono, ukuqamba izinto ezintsha kanye namathuba omnotho wangempela entsheni.

UNksz Anele Mgobhozi, ongumfundi kaMatikuletsheni e-Umkomaas Secondary School, uthe lesi sikhungo sibuyise ithemba emphakathini.

“Lokhu kuzosisiza kakhulu njengoba sifaka izicelo zokuyofunda emanyuvesi. Ukutholakala kwe-inthanethi yamahhala kanye nemishini yobuchwepheshe bedijithali kuzosenza sikwazi ukuqedela izicelo, ukwenza ucwaningo kanye nokuthola izinsiza zemfundo ezibalulekile ngendlela eshesha futhi elula.”

Uphinde wathi sekunesikhathi eside umphakathi, ikakhulukazi intsha, uzizwa ushiywe emuva.

“Lesi sikhungo siyakuguqula lokho. Sisipha indawo yokufunda amakhono amasha, ukufinyelela emathubeni angempela kanye nokuthuthuka empilweni. Ngokokuqala ngqa, ngizizwa sengathi singakwazi ukwakha ikusasa futhi siqale ukuguqula isimo senhlalo nomnotho emphakathini wethu.”Lolu hlelo luqinisa ukuzibophezela kweDolobha ekuqiniseni amandla entsha nasekuqhubekiseni uguquko oluzohlala isikhathi esid

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *