Iqembu le-IFP likhumbule uMntwana uMangosuthu Buthelzi ngomlando wakhe kuleli  

Kwesokunxele uMengameli we IFP UMnu Velenkosini Hlabisa ,uMhlonishwa. Inkosi uMzamo Buthelezi, oyiPhini likaMengameli we-IFP, ekanye nabaNtwana baKwaPhindangane

Iqembu leNkatha Freedom Party (IFP) likhumbule umholi nomsunguli walo  ongasekho uDktl. Mangosuthu Buthelezi ongasekho, enkonzweni yesikhumbuzo ebibanjelwe KwaMashu ePrincess Magogo Stadium, ngeSonto lomhlaka 5 Novemba 2023.

Lenkonzo yesikhumbuzo ibihanjelwe umndeni kaShenge okubalwa umntwana Ntuthukoyezwe Zuzifa Buthelezi,  Prince Buthelezi  onguSihlalo weTrust yomndeni waKwaButhelezi, umntwana Sibuyiselwe Angela Buthelezi, abaseNdlunkulu kaZulu, amalunga ePhalamende, esiShayamthetho, abaholi bonke beIFP, amakhansela, iziMeya, ze IFP, abaholi bezenkolo, abaholi beNdabuko,izinduna kanye nabalandeli beqembu. Kanti uMengameli weqembu uMnu Velenkosini Hlabisa ekanye nePhini lakhe Inkosi Mzamo Buthelezi ibona abethule izinkulumo.

UMhlonishwa. Inkosi  uMzamo Buthelezi, oyiPhini likaMengameli we-IFP, ngaphambi kokwethula uMengameli uVelenkosini Hlabisa, ubonge ubuholi beqembu leIFP esifundazweni saKwaZulu-Natali, obuholwa uMhlonishwa uThami Ntuli ngomsebenzi  walo omuhle wokusingatha inkonzo yokuhlonipha uMntwana uMangosuthu Buthelezi ongasekho ngeqhaza lakhe kanye nomlando omuhle awushiyile.Waphinde wabonga nethuba lokuthi naye aphefumule mayelana nomlando kaShenge.

Ethula inkulumo yakhe uMengameli weIFP uMhlonishwa uVelenkosini Hlabisa  uthe noma ikuphi lapho behamba khona ezintabeni nasemathafeni aKwaZulu-Natali imisebenzi nomlando kaShenge iyabonakala ngisho ezimbonini ngokuletha amathuba emisebenzi, kwizingqalasizinda, emachwebeni, ezibhedlela, kumanyuvesi, ezikoleni, ezinkundleni zemidlalo, kwizinxanxathela zezitolo, emabhange, emahhotela kanye nasemabhilidini omasipala imbala.

UHlabisa ube esethinta nangomlando wemvelaphi kaShenge ongowokuzalwa ebukhosini bendlu kaZulu, ezalwa udadewabo wenkosi uSolomon kaDinuzulu, wakhulela esigodlweni KwaDlamahlahla, wathola ukucijwa uBhishobhi wokuqala wama Anglican uAlpheus Zulu ekanye nomalume wakhe owabe engumsunguli wokuqala we- ANC uDktl Pixley Ka Isaka Seme.

Eqhuba uHlabisa uthe ngonyaka ka 1954,  iSilo uCyprian Bhekuzulu kaSolomon waqoka uShenge esikhundleni sokuba uNdunankulu wesizwe sikaZulu, lesikhunda asiphathe ngobunono ngaphansi kwamakhosi amathathu, eqinisekisa ukuvikela umhlaba wasungula iNgonyama Trust ukuze kube iyona eyengamela umhlaba ngaphansi kweSilo esibusayo.

UHlabisa uphinde wathinta umlando wokusungulwa kweqembu le-IFP. Inkatha  yeNkululeko yeSizwe eyasungulwa  ngesikhathi laphoiqembu le ANC, PAC kanye namanye amaqembu ezepolitiki ayevalwe uhulumeni wobandlululo kungekho umnyakazo womzabalazo owawuqhubeka ngaleso sikhathi lapha eNingizimu Afrika, abantu bakuleli babeswele indlela ababengaqhuba ngayo umzabalazo wenkululeko bebumbene nangokuzwana.

“Njengabantu baseNingizimu Afrika sinezizathu eziningi kakhulu zokubonga uShenge, kodwa futhi thina njengeqembu leIFP isizathu sethu esikhulu sokubonga uMntwana uMangosuthu Buthelezi, ilesi sokusakhela ifa lethu le-IFP kusukela ngesikhathi elibumba ngomhlaka 21 Mashi , 1975”. Kuchaza  uHlabisa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *