UAmthande Mpempanduku Ongumculi we Hip-Hop ufisa ukwenza iRecord Label ezosiza abaculi

UAmthande Mpepanduku ohlala eGermiston Edukathole ongowokudabuka e Mount Ayliff e Mrwaqa eEastern Cape  owaziwa ngelika  Amthande youngnora  ongumculi wama piano abuye abe yinxusa le Velcro Clothing  oqale ukucula ngonyaka ka 2016 Une EP esihloko esithi Inxeba eyenziwe ngaphansi kwesandla Double Geez okuyiyona eshisa izikhotha  njengamanje eyathengisa ubuthaphuthaphu emakhele negama elihle kakhulu.

Continue reading

UNdunankulu uDube-Ncube wethule uhlelo lwe Integrated Festive Season and Safety eHammarsdale

UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa uNomusa Dube-Ncube  ngokubambisana noNgqongqoshe wezokuThutha, nezokuPhepha koMphakathi uMhlonishwa uSipho Hlomuka wethule uhlelo Integrated Festive Season and Safety eHammarsdale ngoLwesibili lomhlaka 7 Novemba. Lapha ubehambisana noMeya weTheku ukhansela uMxolisi Kaunda kanye noNgqongqoshe wezeMpilo uNomagugu Simelane.

Continue reading

Kukhuthazwa  abakhubazekile okuchithwe izicelo zesibonelelo ukuthi bafake izikhalazo zabo

Kukhuthazwa abantu abakhubazekile ukuthi bafake izikhalazo zabo mayelana nezicelo zabo zesibonelelo sokukhubazeka ezingaphumelelanga. Lokhu  kudalulwe isitatimende seSANews, lapho sithe umuntu okhubazekile unelungelo lokufaka isikhalazo sakhe ezinsukwini ezingu-90 emva kokuthola impendulo echitha isicelo sakhe, futhi okhubazekile unelungelo lokufuna incazelo kubasebenzi bakwaSASSA .

Continue reading

Abantu bakuleli bayanxuswa ukuthi bahloniphe amalungelo abantu abakhubazekile

Njengoba inyanga kaNovemba kusukela ngomhlaka 3 kuya kumhlaka 3 Disemba kubungazwa kuphinde kuqhutshwe umkhankaso wokuqwashisa  umphakathi ngamalungelo abantu abakhubazekile.UNgqongqoshe obhekele Abesifazane, Intsha  abantu abakhubazekile,uDktl Nkosazane Dlamini-Zuma, usememe abantu bakuleli okuhlanganisa izinhlangano zomphakathi ezahlukene ukuthi babambe iqhaza lokuqwashisa mayelana nokubaluleka kokuhlonipha amalungelo abantu abakhubazekile.

Continue reading

Alikho izinga lokuhlukumeza elamukelekile

Sanibonani sizwe esinsundu, bantu bakithi kulomhlaba kungaba yisemshadweni noma kwezothando noma ngaphandle komshado alikho izinga lokuhlukumezeka elamukelekile noma kusemndenini uma uzizwa uhlukumezekile ungathuli nakho, cinga noma bheka lapho ungasizakala khona bese ubika udaba lwakho ungathuli  ngoba abahlukumezi bayakhululeka uma bengajeziswa bagcine sebekwenza ngezindlela ezeqile .

Continue reading