UMasipala weTheku usingathe ngempumelelo iHostels Indaba

SHEILA MHLONGO

UMasipala weTheku, ngokubambisana nezinhlaka ezibambe iqhaza ,usingathe  ngempumelelo iHostels Indaba eNkosi Albert Luthuli International Convention Center, ngenhloso yokubhunga ngezindlela zokuthuthukisa izimo emahostela kanye nokuthuthukisa ukuhlinzekwa kwezidingonqangi.

Phakathi kwababeyingxenye yale Hostel Indaba kubalwa abasebenzi bakaMasipala, abahlali basemahostela, kanye namakhansela obekungu Somlomo weTheku ukhansela Thabani Nyawose ehambisana nokhansela Ntando Khuzwayo.

USomlomo weTheku uKhansela Thabani Nyawose, uthe kumele kubanjwe umhlangano ophuthumayo nezinhlaka ezifanele. “Kumele kubizwe umhlangano nethimba lezokuphepha  ukuze  kubhekwane nezokuphepha nokuvikeleka emahostela kusho uKhansela Nyawose.

Ikhansela lakuWadi 28, uNtando Khuzwayo uthe: “Ngiyakuthokozela ukuxoxisana  okunje lapho izimo zasehostela kuyizona ezisohlelweni, ngakho asisebenzisane ukuthuthukisa amahostela, ngoba iningi lezakhamuzi zasemahostela liphuma ezindaweni zasemakhaya lizofuna umsebenzi,  lidinga ukuhlala ezindaweni eziphephile”, usho kanje. INhloko yoMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu, uMnuLawrence Pato, ichaza ngomsebenzi walo mnyango uthe.‘‘Kuwuhlaka lomthetho kahulumeni ukuthi izakhamuzi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *