
Isithombe: IMeya yeTheku, uKhansela Cyril Xaba, izolo ivakashele indawo yaseSherwood ukuze ihlole inqubekelaphambili ekucutshungulweni kwabantu baseMalawi abangaphezu kuka-6 000 njengoba uhulumeni eqhubeka nokwandisa imizamo yokusheshisa inqubo yokuxoshwa kwabo.
IMeya yeTheku, uKhansela Cyril Xaba, isithathe izinyathelo ezisheshayo zokusheshisa inqubo yokuxoshwa kwezinkulungwane zabantu baseMalawi abaseSherwood, ngokuxhumana nababambiqhaza abaphezulu kuhulumeni ukuze kususwe izithiyo nokuthi amacala abo acutshungulwe ngokushesha.
NgoLwesibili mhla ziyi-16 kuNhlangulana, iMeya Xaba ivakashele indawo yaseSherwood ukuze ihlole inqubekelaphambili ekucutshungulweni kwabantu abangaphezu kuka-6 000 okulindeleke ukuthi baxoshwe babuyiselwe ezweni labo.
Le nqubo ekuqaleni yayiholwa iziphathimandla zaseMalawi, ebezisiza ekubuyisweni ngokuzithandela kwabantu bakhona.
Kodwa-ke, ngemuva kokubonakala ukuthi inqubekelaphambili ihamba kancane kunalokho obekulindelwe, uHulumeni waseNingizimu Afrika uthathe umthwalo wemfanelo waqala inqubo esemthethweni yokuxoshwa kwabafokazi.
Ngaphansi kwemithetho yezokufuduka yaseNingizimu Afrika, umfokazi ngamunye ongenazo izincwadi ezisemthethweni kufanele acutshungulwe ngamunye ngamunye.
Lokhu kubandakanya ukuqinisekiswa kobunikazi bakhe, ukukhishwa kwemibhalo esemthethweni edingekayo, kanye nokuvela enkantolo ukuze kuqinisekiswe ukuthi yonke inqubo ihambisana nomthetho futhi ivikela amalungelo omthethosisekelo.
Uma zonke lezi zidingo zomthetho sezifeziwe, inqubo yokuxoshwa ingaqhubeka.
Ukuze kusheshiswe lolu hlelo, sekumiswe inkantolo eyodwa endaweni yaseSherwood.
IMeya Xaba isixoxisana noMnyango Wezobulungiswa ukuze kusungulwe ezinye izinkantolo ezimbili ezizosebenza ngokukhethekile ekucutshungulweni kwalezi zindaba.
Lolu hlelo luhloselwe ukwandisa amandla okusebenza nokusheshisa ukuphathwa kwamacala.
UMnyango Wezasekhaya uzibophezele ekuthumeleni ezinye izikhulu ukuze zisekele izinkantolo futhi ziqinisekise ukuthi wonke amacala acutshungulwa ngendlela esebenza kahle.
Kuze kube manje, amabhasi amane athwele abantu abaxoshiwe asesukile kule ndawo ebheke eMalawi.
Izikhulu ziyaqhubeka nokusebenza ubusuku nemini ukuze ziqedele amacala asele futhi zisize ekuhambiseni amanye amabhasi ayisithupha asemi kule ndawo alindele ukuhamba.
IMeya Xaba iphinde yaqinisekisa ukuzibophezela kukaMasipala ekwesekeni iminyango kahulumeni kazwelonke kanye nabo bonke ababambiqhaza abafanele ukuze kuqinisekiswe ukuthi le nqubo yenziwa ngendlela esebenza kahle, ehambisana nomthetho, futhi ehlonipha amalungelo nesithunzi sabantu abathintekayo.
Ukuze kusheshiswe ukucutshungulwa kwamacala, sekumiswe inkantolo eyodwa kule ndawo, kanti izingxoxo ziyaqhubeka zokumisa ezinye izinkantolo ezimbili. Kuze kube manje, amabhasi amane athwele abantu abaxoshiwe asesukile ebheke eMalawi.

