IMeya uXaba wanelisekile ngenqubekela phambili yesikhungo sokukhosela abangenamakhaya iSakhithemba

IMeya yeTheku ukhansela Cyril Xaba ehambisana neThimba lonjiniyela abengamele umsebenzi wokwakha isikhungo sokugcina abangenamakhaya eLovu

IMeya kaMasipala waseThekwini, uKhansela Cyril Xaba, iveze ukwaneliseka ngenqubekela phambili ebonakalayo yokwakhiwa kweSikhungo Sokukhosela Abangenamakhaya iSakhithemba esakhiwa e-Illovu, eningizimu yeTheku.

Lokhu kulandela ukuvakashelwa kokuhlola okwenziwe amalungu eKomidi Eliphezulu (EXCO) eholwa yiMeya uXaba ekuseni namhlanje, mhla zi-2 kuNhlangulana.

Lesi sikhungo siyingxenye ebalulekile yohlelo lukaMasipala olubhekene nenkinga yabantu abangenamakhaya kulo lonke iDolobha, futhi sihloselwe ukuhlinzeka indawo yokuhlala enesithunzi, ephephile futhi ehlelekile kubantu abaphila emigwaqweni yaseThekwini.

IMeya uXaba ithe lesi sikhungo sizohlinzeka ngezinhlelo zokuthuthukisa amakhono empilo kanye nezinhlelo zokweseka abantu ukuze bakwazi ukunqoba izinkinga zokusebenzisa kabi izidakamizwa nokuphinde bazihlanganise nomphakathi.

Uchaze lolu hlelo njengolusha futhi oluqhamuka nombono ohlukile njengoba uMasipala uthatha enye indlela yokubhekana nenkinga yokungabi namakhaya.

Isigaba sokuqala (Phase 1) sesiphothuliwe futhi sihlanganisa ukwandiswa nokulungiswa kwesakhiwo sokuphatha esivele sikhona, ukwakhiwa kwendawo entsha yonogada, isikhungo esisha esisebenza ngezinhloso eziningi, indlela entsha yokungena kanye nendawo yokupaka izimoto, imisebenzi yokulungisa umhlaba kanye nezindonga zokuvikela ukuguguleka komhlabathi.

Njengamanje, isigaba sesibili (Phase 2) siyaqhubeka nokwakhiwa futhi sizobandakanya izakhiwo ezimbili ezintsha zokulala, izindlu zangasese nezindawo zokugeza, kanye nesikhungo sokuhlanza indle.

Kulindeleke ukuthi wonke umsebenzi wokwakha uqedwe ngokuphelele ekuqaleni kuka-2027.

Ekuqaleni, le phrojekthi yayihloselwe ukwakha indawo yokuhlalisa abantu abangu-400. Nokho, ngenxa yokwanda kwesidingo sezinsizakalo zokukhosela kanye nezinhlelo eziqinile zokungenelela kwezenhlalakahle, ububanzi bale phrojekthi banwetshiwe ukuze ikwazi ukuhlalisa abantu abangu-800.

“Lena ngeke ibe yijele labantu abangenamakhaya. Uma sebethole usizo lokululama futhi bafundiswe amakhono empilo, bazophinde bahlanganiswe nemindeni yabo. Asilindele ukuthi bahlale isikhathi esingaphezu kweminyaka emibili kulesi sikhungo,” kusho iMeya uXaba.

Uma sesiqediwe, lesi sikhungo sizoqinisa kakhulu uhlelo lweDolobha lokungenelela kubantu abangenamakhaya ngokwandisa amathuba okuthola indawo yokukhosela yesikhashana, izinsizakalo zokwesekwa kwezenhlalakahle kanye namathuba okubuyiselwa emphakathini kubahlali abasengozini.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *