SBU MAMBA
Unozinti odabuka eNigeria uStantley Nwabili kodwa ogijima kuChippa United
yalapha eNingizimu Africa uthi akayindawo bamphethe kahle futhi unobudlelwano
obuhle nomphathi nomsunguli we Chippa United egijima ku DSTV Premiership
uChippa Mgengesi uthi akaziboni ashiya iChilli Boys eyobheka amadlelo aluhlaza
kwenye indawo.
Ekuqaleni kwalenyanga iphephandaba i KICK OFF libike ukuthi kunezinsongo
ezibhekiswe kulonozinti zithi uzoyikhotha imbenge yomile uma ebuya kuleli
ngokukhipha iBafana Bafana kuma Semi Finals e Africa Cup of Nations (AFCON)
emdlalweni wabo neNigeria obuse Ivory Coast, lensizwa yase Nigeria yaphula
izinhliziyo zabalandeli be Bafana ivimba amaphenathi ka Teboho Mokoena no
Evidence Makgopa sekushaywa amaphenathi.
Izinhliziyo zabalandeli be Bafana zisaqaqamba namanje babenethemba ukuthi
bazodlulela kuma Finals badle lesicoco se Afcon uNwabali wawashabalisa wonke
lawomathemba . Yize noma kube u Nozinti wase South Africa u Ronwen Willams
obuye nendondo yokuba u Nozinti odlale kahle kulomqhudelwano kodwa no Nwabali
uzakhele ugazi kubantu abaningi njengamanje kuthiwa ufunwa amakilabhu amakhulu
ase SAUDI ARABIA nase EUROPE kanti nezinkuzi zase Soweto ziyamfuna
ukuzovala isikhala sika Itumelang Khune ozothatha umhlala phansi ngesizini ezayo