Kuza izixazululo ezintsha kubahwebi baseThekwini

SHEILA MHLONGO

Umkhakha wabahwebi enkabeni yeTheku uzohlelwa kabusha njengoba uMasipala ubheka izindlela ezintsha zokukhulisa abahwebi babe ngamabhizinisi amancane naphakathi nendawo. Lokhu kuvele ngesikhathi kuqhubeka uhlelo i-Inner City Regeneration Town Talk obelukuWarwick Junction ngomhla ka-27 Juni.

Abahwebi abebegcwele phama ehholo bakhombise ukuyeseka imibono eyethuliwe baphinde baphakamisa izingqinamba ezibathintayo.

UPhiko lwezokweSekwa kwamaBhizinisi, ezokuVakasha, iziMakethe nezoLimo yilona olubhekelele izinhlelo ezahlukahlukene zamabhizinisi amancane ezakhelwe ukuthuthukisa osomabhizinisi abasafufusa, abahwebi abasafufusa nemifelandawonye lapho kubekwe khona eqhulwini abantu ababencishwe amathuba phambilini. Lolu phiko luhlose ukuphucula izindawo zamabhizinisi zikaMasipala ngokuhlinzeka izinsiza ezihambisana nemigomo yoMkhandlu njengezokuphepha nenhlanzeko.

Isakhiwo iWest End Building , i-126 Johannes Nkosi Building, iCentrum Site Flea Market neDalton Art and Craft Market zonke ziyabhekwa ukuze kuhlolwe ukuthi zingaba yizindawo zokuhwebela ezizohlinzeka izinhlobonhlobo zezidingo.

IMenenja yezabaHwebi, uMichael Hlangu, ithe bashintsha izakhiwo ezigugile ukuze bakhe amabhilidi asezingeni eliphezulu, bavuselele izindawo zokusebenzela. “Lezi zikhungo zizohlinzeka izindawo zokuqasha ezingambi eqolo kubahwebi balapha ekhaya.”

Uqhube wathi: “Sibambisene ne-SEDA ukusungula izindawo zokuthuthukisa amabhizinisi ezokukhiqiza agxile ezimpahleni nendwangu kanti sisebenzisa ibhilidi eliku-126 Johannes Nkosi Street. IDurban University of Technology iqokwe ukuba kube iyona ephatha lesi sikhungo. Izohlinzeka ngezinhlelo zokweseka abahwebi ezahlukahlukene ukuze kwakhiwe indawo ezovumela ukuba kuthuthukiswe amabhizinisi amasha obuchwepheshe kukhululiswe amabhizinisi akhona.”

UKhansela Busi Ndlovu, onguSihlalo we-Informal Economy Forum, uthe iziphakamiso ezenziwe zizoba nemiphumela emihle.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *