UPat Nkonyeni wase Eastern Cape ubonge abalandeli  ehlomula kweye Best Female Solo Artist

ISITHOMBE: Umculi uPat Nkonyeni ohlomule kweye Best Female Solo Artist kuma KZN Namuhla Awards eThekwini

NKOSIE NTOMBELA

Umculi wase Eastern osemnkantshubovu kwindima yomculo uhlulwe nawukukhuluma ngenxa yenjabulo ezwa igama lakhe libizwa njengohlomule indondo kwi Best Female Solo Artist lomculi odabuka endaweni yaseBizana esigodini saseMnyaka.

Ekhuluma neNtatheli yeKZN Namuhla emva kokunqoba uPat Nkonyeni wenabe kabanzi ngendlela athokoze ngayo “ngendlela engethuke ngayo ngiswele amazwi okubonga ngibonga abazalwane bami eBizana abangani bami kuFacebook  nomakhelwane abangesekile bangivotela lendebe  ngeyabo lokunqoba kusho okukhulu njengeciko ngiyabonga kakhulu nabaxhasi bami Kanye neKZN Namuhla Newspaper ngalendebe enhle kangaka.

Khona manjalo kwiqoqo leGospel kuphinde kwahlomula nomculi uSizwe “Map” Maphumulo ohlomule kweye Best Gospel Newcomer ohlulwe nawukukhuluma esiteji ngenxa yenjabulo wasebonga abamesekile kakhulukazi umama wakwakhe nozwakwabo kwiGagasi FM abamvotekile ujabule kakhulu njengoba enqobile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *