NKOSIE NTOMBELA
ICiko elivela kuMkhandlu waKwaMaphumulo elicula owe Gospel uNokulunga Dindi ubechichima injabulo enqoba kwiqoqo le Best Gospel Newcomer kuma KZN Namuhla Artists Awards 2023 abebanjelwe eBat Centre eThekwini.
Ekhuluma neNtatheli yeKZN Namuhla emva kokuhlomula ngendodo uNokulunga Dindi unabe kabanzi ngohambo lwakhe kwindima yomculo “yazi ngizizwe ngishawa uvalo ngizwa igama lami libizwa bengingakholwa ngoba seside isikhathi ngisemculweni okungijabulisayo nginqobe la engake ngazokwenza ama audition e I Want To Sing Gospel kodwa kwangalunga azange ngililahle ithemba ngoba ngumntwana kaNkulunkulu ngiloku ngiqhubeka namhlanje kuyathokozisa lokhu kokuthi ngithole lendondo ngibonga kakhulu kuNkulunkulu okunguye ohlela konke,abalaleli beNgoni FM Kanye nomndeni wami ngibonga kakhulu ngokuthi bame nami kuze kufike kulesigaba sokunqoba lendondo enegama lami nami kwindima yomculo “

