Intsha ikhale ngokukhishwa inyumbazane  uma abaholi bethatha izinqumo

THAMI SHESHANE

Intsha yase Thekwini namaphethelo ebikwinkomfa ye Youth Indaba yesikhombisa ehlelwe yi DDP ngomhlaka 14 Juni ikhale ngokukhishwa inyumbazane ngabaholi ekuthathweni kwezinqumo  ezibathintayo. U Eyami Mgqebisa ofunda e Inanda Seminary Girls School uthe bayemukela ukuthi baholwa ngabantu abadala kodwa ubona bebacindezela ngokungabaniki amathuba emisebenzi ePhalamende kanye namathuba okuthatha izinqumo ezithinta bona beyintsha.

“Esikucelayo ngukuthi okungenani basenze ingxenye yezinqumo ezithinta thina kodwa singathathelwa yibona.” Kusho lomfundi obewudlubhe uphelele umfaniswano obephelezelwa ngothisha bakhe kanye nozakwabo.

“Usuku lwanamuhla  belumayelana nokunika ingqondo amandla ngomnotho wezenhlalakahle esibhekene nawo siyintsha yalelizwe kanye nokwandisa umqondo wokukwazi ukumelana nezinselelo zomnotho.” Kusho u Eyami.

U Mnu Vusi Bhengu obeyisikhulumi esiqavile ekhuluma neKZN Namuhla uthe uyavumelana nokunengwa kweNtsha ngoba kubalulekile ukuthi babe yingxenye yezinqumo ezibathintayo ngoba yibona abayikusasa nabazobe besakhona nangomuso.

“Uma usikhiphela ngaphandle, ukhipha izwe elihlukile esakhiweni sokuthathwa kwezinqumo, ugcine usunabantu ababodwa abadala abacabanga ngendlela yabo nezinto abadlule kuzona bona.” Kunaba uBhengu.

Ubhengu uthi ukholelwa ukuthi kubalulekile ukuhlanganisa imiqondo ehlukene bese kuthi labantu abathintekayo kube yibo abanesibalo esiningi ekuthathweni kwezinqumo.

“Abantu abasha abamelelekile ngendlela eyanelisayo ephelamende.” kuphetha uBhengu.

USphamandla Mhlongo we DDP ugqugquzele izinhlangano zomphakathi kanye nezishoshovu zemfundo yomphakathi ezisencane ukuthi baqhubeke nomsebenzi oqalwe yi DDP kuze kufike ukhetho lwango 2024.

                                                                   ABAZIBEKANGA PHANSI ABANTU ABASHA NGEMIBUZO