Abagijimi abavela kuma Ward awu 24 asOndini bebemenywe uMasipala wasoLundi ukuba azobahalalisela ngokuthi babe yingxenye yalomgijimo woMhlaba wonke Jikelele.
Kunabagijimi balapha Ondini abagijime kahle kakhulu bafika nangesikhathi esihle kakhulu nesamukelekile kulomgijimo.
Imeya kaMasipala wasOndini uMnu uWilson Ntshangase uxhawule abagijimi ngama Supplements kanokusho azobalekelela ekupholeni ezinhlungwini nokuthi basizakale uma sebebuyela nasekujimeni kabusha belungiselela eminye imiqhudelwano.
“Kuyisibophezelo sethu ukuthi siqinisekise ukuthi abantu bakithi bayathuthuka nxazonke zempilo. Sizokwenza konke okusemandleni ethu ukuqinisekisa ukuthi siyalekelela abantu bakithi ikakhulukazi kwezemidlalo ngoba siyazi ukuthi abanye baziphilisa ngakho. Sinomgijimo kaMasipala wasOndini esiwuhlelayo sifuna ukuthi laba bagijimi basondelane nathi ukuze siwuhlele ngalendlela efunwa yibo abagijimi. “
IMenenja kamasipala uMnu Sandile Khomo uthe ezemidlalo zihlanganisa abantu abaningi.” Lokhu kugcina sekwakha ubumbano nokuzwana impilo iqhubeke phambili. Kuyasithokozisa ukuthi nalapha Ondini sinabagijimi abaphakamise ifulegi lethu njengomasipala wasOndini.”
Umgijimi uMnu uSbo Mkhize wo Ulundi Striders ubonge uMasipala wasOndini ngokufeza isethembiso sawo eyesenzile sokuthi uzobabona uma sebebuya kumgijimo.” Kunehhuka ayelenzile uMasipala ayelenzile ngesikhathi ethi sihambe kahle ngesikhathi sisayogijima. Wathi” Sobonana Masenibuyile” nangempela namhlanje sikubonile kwenzeka nakhu kuhle. Sifisa uMasipala asilekelele ikakhulukazi kulemigijimo emibili emikhulu okuyiyo i Comrades Marathon kanye ne Two Oceans. “
LOLUDABA LUCASHUNWE ESITATIMENDENI LESI ESIKHISHWE UMASIPALA WASOLUNDI KUMNYANGO WEZOKUXHUMANA

